NgokukaLuka 11:39-42

NgokukaLuka 11:39-42 ZUL20

INkosi uJesu yayisithi kuye: “Nina baFarisi nigeza ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ubugovu nokonakala. Ziwula, lo owenza ingaphandle, akalenzanga yini nengaphakathi na? Kepha-ke lokho okungaphakathi kupheni abampofu, konke kuzakube kuhlambulukile kini. “Kepha, maye, kini baFarisi, ngokuba nikhipha okweshumi kweshaladi nopelepele, nazo zonke izinhlobo zemifino, kodwa nibushaya indiva ubulungiswa nokuthanda uNkulunkulu. Lokho-ke bekufanele nikwenze, kodwa ningaziyeki nezinye.