Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda. Wangena endlini kaZakhariya, wambingelela u-Elizabethe. Kwathi ukuba u-Elizabethe ezwe uMariya ebingelela, umntwana wagxuma esiswini sakhe; u-Elizabethe wagcwala uMoya oNgcwele, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! Kwenzeka kanjani lokhu kimi ukuba ngihanjelwe ngunina weNkosi yami na? Ngokuba kuthe lapho izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana wagxuma ngokujabula esiswini sami. Ubusisiwe lowo owakholwa ukuthi kuzakufezeka lokho okwakhulunywa yiNkosi kuye.” Wayesethi uMariya: “Umphefumulo wami uyayitusa iNkosi, nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami, ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi, ngibusisiwe. Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele. Isihawu sakhe sisezizukulwaneni ngezizukulwane kubo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo. Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana. Usuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle, abacebileyo wabahambisa bevathazela. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu, njengalokhu akhuluma kokhokho bethu ku-Abhrahama nolibo lwakhe kuze kube phakade.” UMariya wahlala naye cishe izinyanga ezintathu, wayesebuyela ekhaya.
Funda NgokukaLuka 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 1:39-56
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo