NgokukaLuka 1:39-56

NgokukaLuka 1:39-56 ZUL59

Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda. Wangena endlini kaZakariya, wambingelela u-Elisabethe. Kwathi ukuba u-Elisabethe ezwe ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na? Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.” Wayesethi uMariya: “Umphefumulo wami uyayitusa Nkosi, nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami, ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe. Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele. Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo. Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana. Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle, abacebileyo ubamukise ze. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu, njengalokho akusho kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.” UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela ekhaya.

Ama vidiyo ahlobene nalokhu