ILevithikhusi 8

8
Ukugcotshwa Kuka-Aroni Namadodana Akhe
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Thatha u-Aroni namadodana akhe, izembatho, amafutha okugcoba, inkunzi yomnikelo wesono, izinqama ezimbili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo, 3uqoqele yonke inhlangano emnyango wethende lokuhlangana.”
4UMose wenza njengalokhu uSimakade emyalile; waqoqela inhlangano ngasemnyango wethende lokuhlangana.
5UMose wathi enhlanganweni: “Nakhu uSimakade ayale ukuba kwenziwe.”
6 UMose waletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi. 7 Wamgqokisa ibhantshi, wambopha ngebhande okhalo, wamembathisa ijazi, wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande lengubo yamahlombe elihlotshisiweyo, wayibopha ngalo. 8 Wamfaka isivikelo sesifuba, wafaka kuso i-Urimi neThumimi. 9 Wamethwesa iqhiya ekhanda, ngaphambili ebunzini wamfaka ucwecwe lwegolide, umqhele wobungcwele, njengalokho uSimakade ayemyalile uMose.
10 UMose wathatha amafutha okugcoba, wagcoba ithabanakeli nakho konke okwakuphakathi kulo, wakungcwelisa. 11 Wafafaza ngamanye i-althare kasikhombisa, waligcoba i-althare nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe. 12 Wathela amanye amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba, wamhlukanisela umsebenzi. 13 UMose waletha namadodana ka-Aroni, wawagqokisa amabhantshi, wawabopha ngamabhande, wawafaka izigqoko njengalokhu uSimakade ayemyalile.
14UMose wenza ukuba kusondezwe inkunzi yomnikelo wesono; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenkunzi yomnikelo wesono. 15 UMose wayihlaba, wathatha igazi walibheca ngomunwe wakhe ezimpondweni ze-althare nxazonke, walihlambulula i-althare, igazi eliseleyo walithululela esinqeni se-althare, walingcwelisa kanjalo ukuba alenzele ukubuyisana. 16UMose wathatha wonke umhlwehlwe, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili amanoni azembozile, wakushisa e-althare. 17 Kepha inkunzi nesikhumba sayo, inyama yayo, nomswani wayo, wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
18 Wayeseletha inqama yomnikelo wokushiswa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yayo. 19UMose wayihlaba, wayesefafaza igazi nxazonke ze-althare. 20 Wayihlahlela inqama; inhloko yayo, izitho zayo, namanoni wakushisa. 21UMose wageza ngamanzi ezangaphakathi namanqina, yonke inyama yenqama wayishisa e-althare; yaba ngumnikelo wokushiswa, oyiphunga elimnandi, ingumnikelo womlilo kuSimakade njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
22 Waletha nenqama yesibili, inqama yokubabeka; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yayo. 23 UMose wayihlaba, wathatha ingxenye yegazi layo walibheca endlebeni ka-Aroni yesokunene, nasesithupheni sesandla sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lwesokunene. 24UMose wayeseletha amadodana ka-Aroni, nawo wawabheca ngegazi ezindlebeni zawo zesokunene, nasezithupheni zezandla zawo zesokunene, nakoqukula bezinyawo zawo zesokunene, wayesefafaza igazi nxazonke ze-althare. 25Wathatha amanoni, umsila ononile, umhlwehlwe, amanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azembozile, nomlenze wesokunene, 26wathatha iqebelengwane laba linye eqomeni lezinkwa ezingenamvubelo elaliphambi kukaSimakade, neqebelengwane lesinkwa samafutha laba linye, nekhekheba lalinye, wakubeka phezu kwamanoni, naphezu komlenze wesokunene, 27 konke lokhu wakunika u-Aroni namadodana akhe ezandleni, wakuzulazulisa kwaba ngumnikelo wokuzulazuliswa phambi kukaSimakade. 28UMose wakuthatha ezandleni zabo wakushisa e-althare emnikelweni wokushiswa; kwaba ngumnikelo wokubabeka, kwaba yiphunga elimnandi; umnikelo womlilo kuSimakade. 29UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzulazuliswa phambi kukaSimakade; saba yisabelo sikaMose enqameni yokubabeka njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
30 UMose wathatha amafutha okugcoba, negazi elalise-althare, wafafaza ngalo u-Aroni nezembatho zakhe, namadodana akhe ayenawo lapho nezembatho zawo, wamngcwelisa u-Aroni nezembatho zakhe, namadodana akhe nezembatho zawo.
31 UMose wathi ku-Aroni namadodana akhe: “Phekani inyama ngasemnyango wethende lokuhlangana, niyidle lapho nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokhu ngayala ngathi: ‘U-Aroni namadodana akhe bayokukudla.’ 32Okuyosala enyameni nasesinkweni niyokushisa ngomlilo. 33 Aniyukuphuma emnyango wethende lokuhlangana kuze kuphele izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba ukubekwa kuyizinsuku eziyisikhombisa. 34USimakade uyalile ukuba kwenziwe njengalokhu kwenziwe namuhla, ukuze nenzelwe ukubuyisana. 35Niyohlala ngasemnyango wethende lokuhlangana imini nobusuku, izinsuku eziyisikhombisa, nigcine umyalo kaSimakade ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.”
36U-Aroni namadodana akhe benza konke uSimakade ayeyale ngakho ngesandla sikaMose.

Okuqokiwe okwamanje:

ILevithikhusi 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume