ILevithikhusi 24

24
Imithetho Yothi Lwezibani
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo, agxotshelwe ukukhanyisa, ukuze izibani zivuthe njalonjalo, 3ngaphandle kwesihenqo sobufakazi, ethendeni lokuhlangana. U-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kuse. Lokhu kuyoba yisimiso saphakade ezizukulwaneni zenu. 4 Uyakulungisa njalo izibani othini olucwengekileyo, phambi kukaSimakade.
Imithetho Yezinkwa ZoBukhona
5 “Uyothatha impuphu ecolisekileyo upheke ngayo amaqebelengwane ali-12, iqebelengwane ngalinye libe okubili eshumini. 6 Uyowabeka abe yimigqa emibili, abe yisithupha kulowo nalowo mugqa etafuleni elicwengekileyo, phambi kukaSimakade. 7 Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo kuyo yomibili imigqa, ibe yisikhumbuzo somnikelo wesinkwa, umnikelo womlilo kuSimakade. 8 Amasabatha ngamasabatha, uyakuzihlela njalo phambi kukaSimakade, njengokuzinikela kwabantu bakwa-Israyeli, nanjengesivumelwano esiphakade. 9 Ziyakuba ngezika-Aroni namadodana akhe, bayozidlela endaweni engcwele, ngoba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaSimakade; ngokwesimiso esiphakade.”
Isijeziso Sokuhlambalaza UNkulunkulu
10Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli noyise ongowaseGibhithe yaphuma yaya phakathi kwabakwa-Israyeli. Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yaxabana nomuntu wakwa-Israyeli enkanjini. 11 Yahlambalaza igama likaSimakade, yaliqalekisa; yalethwa kuMose. Unina waleyo ndodana kwakunguShelomithi, indodakazi kaDibhiri, wesizwana sakwaDani. 12 Bayifaka ejele kuze kuphume isinqumo sikaSimakade ukuthi benzenjani ngayo.
13USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 14 “Mkhiphele ngaphandle kwenkambu lowo muntu othukile. Bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe. 15 Uyokhuluma nabantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo oyakuthuka uNkulunkulu wakhe uyakujeziswa ngenxa yesono sakhe. 16Ohlambalaza igama likaSimakade uyokufa nokufa. Impela inhlangano yonke iyomkhanda ngamatshe. Umfokazi noma umnsinsi wokuzimilela uyobulawa, uma ehlambalaza igama likaSimakade.
Umthetho Wokujeziswa Kowonileyo
17 “ ‘Umuntu oshaya omunye aze afe, impela uyobulawa. 18 Oshaya inkomo ize ife uyoyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila. 19 Umuntu olimaza omunye, kuyokwenziwa kuye njengalokho naye enzile, 20kube ngukwaphuka ngokwaphuka, iso ngeso, izinyo ngezinyo; njengalokho elimazile umuntu, kuyokwenziwa kanjalo nakuye. 21 Obulala inkomo, uyoyikhokha; obulala umuntu, uyobulawa. 22 Niyoba nesehlulelo esifanayo kumfokazi nakowozalo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”
23UMose wakhuluma nabantu bakwa-Israyeli; bamkhiphela ngaphandle kwenkambu lowo othukileyo, bamkhanda ngamatshe. Abakwa-Israyeli benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Okuqokiwe okwamanje:

ILevithikhusi 24: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume