ISililo 3:58-66

ISililo 3:58-66 ZUL20

Nkosi, uyimele indaba yami, wayihlenga impilo yami. Simakade, ukubonile okubi okwenziwe kimi; yehlulela, ungimelele. Ukubonile ukulangazelela kwabo ukuba baphindisele, nawo wonke amacebo abo ngami. Uyizwile yonke inhlamba abangethuke ngayo, Simakade, nozungu abangakhele lona. Bakhuluma futhi bacabange nto yinye nje: ukuthi bangangilimaza kanjani. Noma behleli noma bemile, ngiyihubo labo lokukloloda. Simakade, uyaphindisela kumuntu ngokwemisebenzi yakhe; ngiphindiselele kubo ngabakwenze kimi! Bashaye ngobumpumputhe, udide imiqondo yabo, beka isiqalekiso sakho phezu kwabo! Baxoshe ngentukuthelo yakho, ubabhubhise, kungasali namunye phansi kwezulu likaSimakade.

Funda ISililo 3