USimakade wathi kuJoshuwa: “Sukuma! Uweleni ngobuso emhlabathini, na? U-Israyeli wonile, usephulile isivumelwano engimmisele sona. Bathathile izinto eziqalekisiweyo, bebile, benza inkohlakalo, bazithathile lezo zinto bazihlanganisa nempahla yabo. Ngakho-ke u-Israyeli akakwazi ukumelana nezitha zakhe; uyakuzifulathela izitha zakhe ngokuba usezenze into efanele ukubhujiswa. Angisezukuba nani ngaphandle kokuba nizishabalalise lezi zinto eziqalekisiwe eziphakathi kwenu.
“Ngakho-ke suka ungcwelise abantu, uthi kubo: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli: kunezinto eziqalekisiweyo phakathi kwenu, Israyeli aniyukuma phambi kwezitha zenu nize nikhiphe phakathi kwenu izinto eziqalekisiweyo.
“ ‘Ngakho-ke kusasa niyakusondela ngezizwana zenu. Isizwana uSimakade ayakusikhetha, siyosondela ngokwemindeni yaso, umndeni awuthathayo usondele ngezindlu zawo, kuthi indlu ayithathayo uSimakade, kusondele umuntu ngamunye. Kuyothi umuntu oyotholakala enokuqalekisiweyo, ashiswe ngomlilo nakho konke anakho, ngokuba esephulile isivumelwano sikaSimakade, nangokuba enze into embi kakhulu kwa-Israyeli.’ ”
Ngakho-ke uJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, wasondeza abantu bakwa-Israyeli ngokwezizwana zabo. Kwakhethwa isizwe sakwaJuda. Wasisondeza isizwana sakwaJuda, kwasondezwa umungu ngamunye emndenini wabakwaZera, kwase kuqokwa uZabhidi. Wayesesondeza abendlu yakhe ngamunye ngamunye, kwathi u-Akhani, indodana kaKharimi kaZabhidi kaZera, wesizwana sakwaJuda, wakhethwa.
UJoshuwa wathi ku-Akhani: “Ndodana yami, mnikeze udumo uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uvume kuye isono sakho. Ngitshele manje ukuthi wenzeni; ungangifihleli lutho.”
U-Akhani wamphendula uJoshuwa, wathi: “Kuliqiniso, yimi engonile kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. Nakhu engikwenzileyo: lapho ngibona phakathi kwempango ingubo enhle eShinari, isiliva elingama-200 amashekeli, nesigaxa segolide esisisindo salo singamashekeli angama-50, ngakunxanela, ngase ngiyakuthatha. Manje ngikumbele ngakufihla phakathi ethendeni lami, isiliva lona liphansi kwakho konke.”
Ngakho-ke uJoshuwa wathumela izithunywa, zagijima zaya ethendeni lika-Akhani, zakufica lapho kufihliwe ethendeni lakhe, isiliva liphansi kwakho. Zakukhipha ethendeni zakuletha kuJoshuwa nabo bonke abantu bakwa-Israyeli, bakwendlala phambi kukaSimakade. UJoshuwa nabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababenaye bamthatha u-Akhani, indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide, namadodana namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe nezimbongolo nezimvu nethende lakhe, nakho konke okwakungokwakhe, bakukhuphulela esigodini i-Akhori. UJoshuwa wathi: “Wenzeleni ukuba usilethele inhlupheko, na? USimakade uzakukulethela inhlekelele nawe namuhla.”
Bonke abantu bakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe waze wafa, babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe. Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe, esekhona nanamuhla. USimakade wayesephenduka olakeni lwakhe oluvuthayo. Ngakho-ke igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi i-Akhori.