UJoshuwa 6:21-25

UJoshuwa 6:21-25 ZUL20

Baphokophelela ukubhubhisa ngenkemba konke okwakulowo muzi, abesilisa nabesifazane, abancane nabadala, izinkomo nezimvu, nezimbongolo. UJoshuwa wathi kulawo madoda amabili ayekade ehlole izwe: “Ngenani endlini yesifebe, nimkhiphe owesifazane kuyo nabo bonke abakwabo, njengalokhu nafunga kuye.” Izinsizwa ezazikade ziyizinhloli zangena zamkhipha uRahabi, noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke ayenabo. Zawukhipha wonke umndeni wakhe, zababeka ngaphandle kwenkambu yakwa-Israyeli. Bawushisa ngomlilo wonke umuzi, nakho konke okwakukuwo, ngaphandle kwesiliva negolide nezimpahla zethusi nezensimbi okwafakwa endlini yengcebo kaSimakade. UJoshuwa wamsindisa uRahabi, isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke ayenabo. Selokhu bahlala kwa-Israyeli kuze kube namuhla ngokuba wafihla izithunywa uJoshuwa ayezithume ukuyohlola iJerikho.