UJoshuwa wayesebiza abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, wathi kubo: “Nikugcinile konke uMose inceku kaSimakade aniyala ngakho, futhi nangilalela kukho konke enganiyala ngakho; anibalahlanga abafowenu ngazo zonke lezi zinsuku kuze kube namuhla, kodwa nikuqikelele ukugcina konke uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngakho. Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani. Qaphelani ukuba nigcine imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose, inceku kaSimakade, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.”
UJoshuwa wayesebabusisa, wabakhulula ukuba bahambe, bahamba babuyela emathendeni abo.
Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, uMose wayeyabele isabelo sayo eBhashani, kodwa enye ingxenye uJoshuwa wayabela phakathi kwabafowabo izwe elisentshonalanga, phesheya kweJordani. Ngesikhathi ebabuyisela emathendeni abo, wababusisa, wathi kubo: “Buyelani emathendeni enu nengcebo eningi, nemfuyo eningi, nesiliva, igolide, ithusi, insimbi, nezimpahla eziningi, nabelane nabafowenu impango eniyithathe ezitheni zenu.”
Ngakho-ke abozalo lukaRubeni nabolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase babuyela emakhaya, behlukana nabanye bakwa-Israyeli eShilo, eKhanani, ukuba babuyele kwaGileyadi, ezweni labo ababelidle laba yisabelo sabo njengokuyala kukaSimakade ngoMose.