UJoshuwa 12

12
Amakhosi Anqotshwa Ngu-Israyeli Ngasempumalanga
1 Nanka amakhosi ezwe u-Israyeli awanqoba, amazwe awo ahlala kuwo kusukela ngaphesheya kweJordani kuya empumalanga, kusukela esigodini i-Arinoni kuya entabeni iHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga: 2 inkosi uSihoni wama-Amori owayehlala eHeshibhoni, ebusa kusukela e-Aroweri elisonqenqemeni lwesigodi i-Arinoni, naphakathi nesigodi, kuze kufike emfuleni iJabhoki, umngcele wama-Amoni okungukuthi yingxenye kwaGileyadi, 3 ne-Araba kuya olwandle iKhinerethi, kuya oLwandle i-Araba, nasoLwandle Lukasawoti ngasempumalanga, endleleni eya eBhethi Jeshimothi eningizimu phansi kwemithambeka iPhisiga, 4 nenkosi u-Ogi waseBhashani, owayengomunye wamaRefa okugcina owahlala e-Ashitharothi nase-Edreyi, 5ebusa phezu kwentaba iHermoni, eSalekha, nakulo lonke iBhashani kuze kufike emngceleni wamaGeshuri nowaMahakhathi, nengxenye kwaGileyadi kuya emngceleni kaSihoni inkosi yaseHeshibhoni.
6 UMose, inceku kaSimakade, nabakwa-Israyeli babanqoba; uMose, inceku kaSimakade, walinikeza izwe abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.
Amakhosi Anqotshwa Ngu-Israyeli Ngasentshonalanga
7 Lawa ngamakhosi ezwe anqotshwa nguJoshuwa nabakwa-Israyeli entshonalanga yeJordani, kusuka eBhali Gadi esigodini iLebhanoni kuya entabeni iHalakhi ekuphakama kwayo kubheke eSeyiri, uJoshuwa wanikeza izizwana zakwa-Israyeli izwe labo laba yifa lazo njengokwabelwa kwazo, 8 elisezintabeni, emathafeni, elise-Araba, elemithambeka, elisehlane, naseNegevu, izwe lamaHithi, elama-Amori, elamaKhanani, elamaPherizi, elamaHivi, nelamaJebusi:
9inkosi yaseJerikho: iyodwa;
inkosi yase-Ayi eliseduze kweBhethele: iyodwa;
10inkosi yaseJerusalema: iyodwa;
inkosi yaseHebhroni: iyodwa;
11inkosi yaseJarimuthi: iyodwa;
inkosi yaseLakhishi: iyodwa;
12inkosi yase-Egiloni: iyodwa;
inkosi yaseGezeri: iyodwa;
13inkosi yaseDebhiri: iyodwa;
inkosi yaseGederi: iyodwa;
14 inkosi yaseHorma: iyodwa;
inkosi yase-Aradi: iyodwa;
15inkosi yaseLibhina: iyodwa;
inkosi yase-Adulamu: iyodwa;
16inkosi yaseMakheda: iyodwa;
inkosi yaseBhethele: iyodwa;
17inkosi yaseThaphuwa: iyodwa;
inkosi yaseHeferi: iyodwa;
18inkosi yase-Afekhi: iyodwa;
inkosi yaseLasharoni: iyodwa;
19inkosi yaseMadoni: iyodwa;
inkosi yaseHazori: iyodwa;
20inkosi yaseShimroni Meroni: iyodwa;
inkosi yase-Akhishafi: iyodwa;
21inkosi yaseThanakhi: iyodwa;
inkosi yaseMegido: iyodwa;
22inkosi yaseKedeshi: iyodwa;
inkosi yaseJokhineyami eKharmeli: iyodwa;
23inkosi yaseDori egqumeni laseDori: iyodwa;
inkosi yaseGoyimi eseGalile: iyodwa;
24 nenkosi yaseThiriza: iyodwa;
esewonke amakhosi ayengama-31.

Okuqokiwe okwamanje:

UJoshuwa 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume