Izwi likaSimakade lafika kuJona, indodana ka-Amithayi, lathi: “Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.”
Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade.
Kepha uSimakade wathumela isishingishane olwandle, kwaba nesiphepho esikhulu kwaze kwangathi umkhumbi uyahlephuka. Amatilosi esaba, kwayilelo nalelo lakhala kunkulunkulu walo. Ayesephonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini, ukuze umkhumbi ube lula. UJona wayesehlele egumbini lomkhumbi elingaphansi maphakathi nendawo, elele zwi.
Umkhuzi wamatilosi weza kuJona, wathi: “Ungalala kanjani uhuqe ubuthongo kunje? Vuka ubize owakho uNkulunkulu, mhlawumbe angasizwa, singashabalali.”
Amatilosi ahlanganisa amakhanda, athi: “Wozani senze unkatho, sibone ukuthi ngubani oyimbangela yalobu bubi obusehlelayo na? Alwenza-ke unkatho, lwadla uJona.”
Ayesethi kuye: “Sitshele ukuthi ngubani owenze sehlelwa yile nhlekelele? Wenza msebenzi muni wena? Uvela kuliphi izwe, futhi ungowasiphi isizwe na?”
Wathi kuwo: “NgingumHebheru, ngikhonza uSimakade, uNkulunkulu wamazulu, owenze ulwandle nomhlabathi owomileyo.”
Athi angezwa lokhu amatilosi esaba kakhulu, ayesethi kuye: “Wenzeni na?” (Ambuza kanjalo ngoba ayazi ukuthi ubalekela uSimakade ngoba wayeke wawaxoxela ngaphambilini.)
Ulwandle lwaya ngokuya ludlanga. Amatilosi ambuza athi: “Senzenjani ngawe ukuze ulwandle luthule na?”
Waphendula wathi: “Ngiqukuleni, ningiphonse olwandle, khona luzothula, ngokuba ngiyazi ukuthi yimi oyimbangela yalesi siphepho esinihlaseleyo.”
Amatilosi azama ukugwedlela ogwini lolwandle kepha awaphumelelanga; isiphepho samelana nawo, ulwandle lwadlanga kakhulu. Amatilosi akhuleka kuSimakade, athi: “Ungasibhubhisi Simakade, ngenxa yale ndoda. Ungasisoli ngokuthi sibulele umuntu ongenacala; siyazi ukuthi Wena unguSimakade, wenza njengokuthanda kwakho.”
Ayesemqukula uJona, amphonsa olwandle; lwase luthula cwaka ulwandle.
Amatilosi amesaba kakhulu uSimakade, anikela kuye umhlatshelo, enza nezifungo.
USimakade wathumela inhlanzi enkulu ukuba igwinye uJona. UJona wayesesiswini senhlanzi izinsuku ezintathu, nobusuku obuthathu.