UJobe 7:11-16

UJobe 7:11-16 ZUL20

“Ngakho-ke nami angizukuwunqanda umlomo wami, ngizokhuluma nginobuhlungu emoyeni wami, ngikhononde ngomunyu emphefumulweni wami. Ngilulwandle yini, noma inkanyamba yolwandle, uze ungibekele abalindi na? Lapho ngithi: “Umbhede wami uzongiduduza, icansi lami lingithwalise ukukhononda kwami, uyangesabisa ngamaphupho, ungethuse ngemibono, ukuze umphefumulo wami uqoke ukuklinywa nokufa kunokuba ngibe kulo mzimba. Ngiyakuzonda ukuphila kwami, angiyukuhlala njalo, ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.

Funda UJobe 7