UJobe 6

6
UJobe Uphendula Inkulumo Yokuqala Ka-Elifazi
Ukwesinda Kwenhlupheko KaJobe; Ubulukhuni Babangani Bakhe
1UJobe waphendula wathi:
2 “Sengathi usizi lwami
nenhlekelele engehlele
kungalinganiswa nokulinganiswa,
nokubhujiswa kwami
kubekwe esilinganisweni kanyekanye.
3 Ngokuba manje kuyasinda
kwedlula isihlabathi solwandle,
ngakho amazwi ami abengumbhedo nje.
4 Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi,
ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami,
ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.
5 Imbongolo yasendle
iyakhala yini inotshani na?
Inkabi iyakhala yini inotshani na?
6Okuduma kungadliwa yini
ngaphandle kukasawoti na?
Kuyahlwabusa yini okumhlophe kweqanda na?
7 Umphefumulo wami uyenqaba ukukuthinta,
kungukudla okunengekayo kimi.
8“Sengathi isicelo sami singezwakala,
uNkulunkulu angiphe engikufisayo.
9 Sengathi uNkulunkulu angangiphihliza,
avule isandla sakhe, angibhubhise.
10 Lokho bekuyoba yinduduzo kimi,
bengiyojabuliswa yizinhlungu ezingapheliyo,
ngokuba angiwagodlanga amazwi oNgcwele.
11 Ayini amandla ami
ukuba ngingawethemba na?
Siyini isiphetho sami
ukuba ngingasibekezelela na?
12Ngabe amandla ami
angamandla amatshe na?
Inyama yami iyithusi na?
13 Angikwazi ukuzisiza,
usizo lwami lususiwe kimi.
14 “Ogodlela umngani wakhe odangele umusa,
ulahla ukwesaba uSomandla.
15Abafowethu bambuluzile njengomfudlana,
nanjengemithonjana eshayo,
16 emnyama ngenxa yeqhwa,
lapho ungqoqwane uzinqwabela kuyo.
17 Ngesikhathi sokufudumala, iyanyamalala,
uma sekushisa iyasha,
iphele endaweni yayo.
18Abahamba ngezindlela zayo bayaphambuka,
benyukela oqwathuleni, babhubhe.
19 Izindwendwe zabahwebi bakwaThema zabafuna,
nemiqobo yezihambi zakwaShebha zibheke ngethemba.
20 Zadumala, ngoba zazinokuzethemba,
lapho sezifike khona zadangala,
21nani seninjalo-ke kimi;
nibone okwethusayo, nesaba.
22Ngasho yini kini, ngathi:
‘Ngipheni isipho empahleni yenu’ na?
23noma: ‘Ngikhululeni esandleni sesitha,
ningihlenge esandleni sezidlova’ na?
24“Ngifundiseni, mina ngizothula du,
ningichazele ukuthi ngone ngani.
25Ukukhuluma okuqotho kunamandla kangakanani na?
Kepha ukusolwa yinina kusiza ngani na?
26 Nicabanga ukuthi ningawasola amazwi,
ngokungathi ukukhuluma kophelelwe yithemba,
kungumoya nje na?
27 Nenza unkatho ngentandane,
nithengisa ngomngani wenu.
28 Manje-ke, phendukani, ningibheke,
ngokuba angisoze ngawaqamba amanga kini.
29 Ake niphenduke,
kungabi bikho owenza ukungalungi.
Phendukani, indaba yami ilungile.
30 Kukhona yini ukungalungi
engikusho ngolimi lwami na?
Ulwanga lwami alunakukwehlukanisa yini okubi na?”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume