UJobe 40

40
USimakade Uyaqhubeka Nokuphendula UJobe
1USimakade waqhubeka wamphendula uJobe, wathi:
2 “Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na?
Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”
UJobe Uphendula USimakade
3UJobe wamphendula uSimakade, wathi:
4 “Bheka, angiyinto yalutho,
ngingakuphendula ngithini na?
Kungcono ngibeke isandla sami
emlonyeni, ngithule.
5 Ngikhulumile kanye,
angisayukuphendula,
yebo, kabili,
kepha angisaqhubeki.”
USimakade Uphendula UJobe
6 USimakade wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:
7 “Bopha ukhalo lwakho njengendoda,
ngizokubuza, wena ungazise.
8 Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami,
ungilahla ngecala
ukuze wena ube ngolungileyo na?
9 Unengalo njengoNkulunkulu yini na?
Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?
10 Zihlobise ngobukhosi nangokuhlonipheka,
wembathe udumo nenkazimulo.
11 Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho,
ubabheke bonke abazidlayo, ubathobise.
12 Babheke bonke abaziphakamisayo,
ubehlisele phansi,
unyathele phansi izikhohlakali
ezindaweni zazo.
13 Bafihle othulini kanyekanye,
ubophe ubuso babo
endaweni efihlakeleyo.
14Khona ngiyakuvuma kuwe
ukuthi yisandla sakho
sokunene kuphela esingasindisa.”
UBhehemothi
15“Ake ubheke uBhehemothi
engamenza kanye nawe,
udla utshani njengenkabi.
16Bheka-ke, amandla akhe asokhalo lwakhe,
nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.
17Uqinisa umsila wakhe njengomsedari,
imisipha yamathanga akhe iphothene.
18Amathambo akhe ayimibhobho yethusi,
izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.
19 Ungowokuqala wemisebenzi kaNkulunkulu,
nguMenzi wakho kuphela
ongasondela kukho ngenkemba.
20 Ngokuba izintaba ziveza ukudla,
lapho izilwane zasendle zingqabashiya khona.
21Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunzi,
ezindaweni ezisithekile,
emhlangeni nasemaxhaphozini.
22Izihlahla ezinomthunzi zimsitha ngomthunzi wazo,
azungezwe yiminyezane esemfuleni.
23Bheka, ngisho umfula ugola izintethe,
akethuki, uyazethemba, noma ngabe
iJordani idla izindwani.
24Ukhona yini ongambamba ebhekile,
amcuphe ngonoxhaka,
abhoboze ikhala lakhe na?”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 40: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume