Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa kuye. Ngakho-ke uJesu wakhuluma kubaJuda abase bekholwa kuye, wathi: “Uma nimi esifundisweni sami, ningabafundi bami uqobo, niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Bamphendula, bathi: “Thina singabolibo luka-Abhrahama, asikaze sibe yizigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?” UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo owenza isono, uyisigqila sesono. Isigqila asihlali nomndeni unomphela, kodwa indodana ehlala phakade. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
Funda NgokukaJohane 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 8:30-36
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo