NgokukaJohane 5:16-21

NgokukaJohane 5:16-21 ZUL20

AbaJuda bamzingela uJesu ngenxa yalokho, ngokuba wayenze lokho ngesabatha. UJesu wathi kubo: “UBaba uyasebenza kuze kube manje, nami-ke ngiyasebenza.” Ngakho-ke ngenxa yalokhu, abaJuda babefuna kakhulu ukumbulala, ngokuba akephulanga nje isabatha, futhi wathi uNkulunkulu unguYise; ngaleyo ndlela ezenza olingana noNkulunkulu. Ngakho-ke uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: iNdodana ingenze lutho ngokwayo, ngaphandle kwalokho ekubona kwenziwa nguYise, ngokuba lokho akwenzayo Yena, neNdodana iyakwenza kanjalo. Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo. Uyakuyikhombisa ngisho imisebenzi emikhulu kunale, ukuba nimangale. Njengalokhu uYise evusa abafileyo, abenze baphile, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.

Ividiyo ye- NgokukaJohane 5:16-21