NgokukaJohane 4:10-14

NgokukaJohane 4:10-14 ZUL20

UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.” Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, awuphethe sitsha sokukha, kanti umthombo ujulile. Pho uwathathaphi lawo manzi aphilayo na? Ngabe Wena umkhulu yini kunokhokho wethu uJakobe owasipha lo mthombo, waphuza kuwo, yena namadodana akhe nemihlambi yakhe na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakuphinde ome. Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”

Ividiyo ye- NgokukaJohane 4:10-14