NgokukaJohane 4:1-26

NgokukaJohane 4:1-26 ZUL20

Kwathi ukuba uJesu ezwe ukuthi abaFarisi sebezwile ukuthi uthola abafundi, futhi abhabhadise abaningi kunoJohane, nakuba uJesu uqobo ayengabhabhadisi, kodwa kwakubhabhadisa abafundi bakhe, wayesesuka eJudiya, wabuyela eGalile. Kwakufanele ukuba adabule eSamariya. Ngakho-ke wafika eSamariya emzini okuthiwa yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa, indodana yakhe. Kwakukhona umthombo kaJakobe lapho. Ngakho-ke uJesu esekhathele ukuhamba, wahlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha. Kwafika owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ake ungiphuzise.” Abafundi bakhe babesahambile beyothenga ukudla emzini. Owesifazane waseSamariya waphendula, wathi: “Kungenzeka kanjani ukuba Wena ungumJuda, ucele kimi engingowesifazane waseSamariya ukuba ngikuphuzise na?” Phela abaJuda abadlelani namaSamariya. UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.” Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, awuphethe sitsha sokukha, kanti umthombo ujulile. Pho uwathathaphi lawo manzi aphilayo na? Ngabe Wena umkhulu yini kunokhokho wethu uJakobe owasipha lo mthombo, waphuza kuwo, yena namadodana akhe nemihlambi yakhe na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakuphinde ome. Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.” Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuze ngingaphinde ngome, futhi ngingabe ngiseza lapha ukuzokha amanzi.” UJesu wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze nayo lapha.” Owesifazane waphendula, wathi: “Anginandoda.” UJesu wathi kuye: “Usho kahle uma uthi: ‘Anginandoda,’ ngokuba sewuke waba namadoda ayisihlanu, nale onayo manje akusiyo eyakho. Lokhu okushoyo kuyiqiniso.” Owesifazane wathi: “Nkosi, sengiyabona ukuthi Wena ungumphrofethi. Okhokho bethu babekhonza uNkulunkulu kule ntaba, kepha nina nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhonzelwe khona.” UJesu wathi kuye: “Sifazane, ngikholwe. Siyeza isikhathi lapho ningasayukumkhonza uBaba kule ntaba naseJerusalema. Nina nikhonza eningakwaziyo, kodwa thina sikhonza esikwaziyo, ngokuba insindiso ivela kubaJuda. Kepha isikhathi siyeza, sesifikile manje, lapho abakhonza ngokweqiniso beyakumkhonza uBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abamkhonza kanjalo. UNkulunkulu unguMoya, ngakho-ke abamkhonzayo kufanele bamkhonze ngomoya nangeqiniso.” Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya, okuthiwa nguKhristu uyeza; uma esefikile uyakusitshela konke.” UJesu wathi kuye: “Nginguye Mina engikhuluma nawe.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo