NgokukaJohane 3:3-9

NgokukaJohane 3:3-9 ZUL20

UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.” UNikhodimu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena yini esibelethweni sikanina ngokwesibili, ukuba azalwe na?” UJesu waphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, ngeke angene embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe ngokwenyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya, kungumoya. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa kabusha.’ Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.” UNikhodimu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo