NgokukaJohane 19:23-30

NgokukaJohane 19:23-30 ZUL20

Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni, ayesethatha izingubo zakhe, azehlukanisa amaqoqo amane, kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo, neyembe futhi. Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu. Ngakho-ke abonisana odwa athi ngalo: “Asingalidabuli, kodwa asenze unkatho, ukuze kubonakale ukuthi lizakuba ngelikabani.” Ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “Babelana ngezingubo zami, benza unkatho ngesembatho sami.” Amabutho akwenza-ke lokho. Ngasesiphambanweni sikaJesu kwakumi unina, udadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. Kuthe uJesu embona unina nomfundi amthandayo bemi ngalapho, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.” Wayesethi kumfundi: “Bheka unyoko.” Kusukela ngaleso sikhathi, lowo mfundi wamthatha uMariya, wamnakekela. Emva kwalokho, uJesu azi ukuthi konke sekuphelelisiwe, ukuba kugcwaliseke umbhalo, wathi: “Ngomile.” Kwakubekiwe lapho isitsha esigcwele iwayini elixutshwe noviniga; base bechoma ilula othini lwehisophi ligcwele uviniga, baliyisa emlonyeni wakhe. Kwathi ukuba uJesu awemukele uviniga, wayesethi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 19:23-30

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo