Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owomhlaba. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela emhlabeni, nami ngibathumela emhlabeni. Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso. “Angiceleli laba bodwa, kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo, ukuze bonke babe munye, njengalokhu Wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile. Inkazimulo ongiphe yona, nabo ngibaphile, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye. Mina ngikubo, nawe ukimi, baze bapheleliswe ebunyeni, ukuze umhlaba wazi ukuthi Wena ungithumile, nabo wabathanda njengalokhu ungithandile.
Funda NgokukaJohane 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 17:15-23
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo