NgokukaJohane 16:12-15

NgokukaJohane 16:12-15 ZUL20

“Kusekuningi enginganitshela khona, kodwa manje ningekuthwale. Kepha lapho esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso. Ngokuba akayukukhuluma okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. Konke uBaba anakho, kungokwami; yingakho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele khona.