NgokukaJohane 15:5-8

NgokukaJohane 15:5-8 ZUL20

“Mina ngingumvini, nina ningamagatsha. Ohlala kimi, nami kuye, lowo-ke uthela izithelo eziningi, ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe. Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe. UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu, ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo