Hlalani kimi, nami kini. Njengokuba igatsha lingezithele izithelo ngokwalo, kuphela uma lisemvinini, kanjalo nani, kuphela uma nihlala kimi. “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha. Ohlala kimi, nami kuye, lowo-ke uthela izithelo eziningi, ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe. Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe. UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu, ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami. “Njengalokhu uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami.
Funda NgokukaJohane 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 15:4-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo