NgokukaJohane 15:4-7

NgokukaJohane 15:4-7 ZUL20

Hlalani kimi, nami kini. Njengokuba igatsha lingezithele izithelo ngokwalo, kuphela uma lisemvinini, kanjalo nani, kuphela uma nihlala kimi. “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha. Ohlala kimi, nami kuye, lowo-ke uthela izithelo eziningi, ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe. Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.

Video for NgokukaJohane 15:4-7