NgokukaJohane 15:11-16

NgokukaJohane 15:11-16 ZUL20

“Nginitshelile lokhu ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kuchichime.” “Yilo umyalo wami wokuba nithandane njengalokho nami nginithandile. Akekho onothando olwedlula olokuba umuntu adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangani bakhe. Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho. Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa yinkosi yayo, kodwa nginibize ngabangani ngokuba konke engikuzwile kuBaba, nginazisile khona. Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.

Video for NgokukaJohane 15:11-16