NgokukaJohane 10:1-42

NgokukaJohane 10:1-42 ZUL20

UJesu wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa oweqa uthango, afohle, uyisela nomphangi. Kepha ongena ngesango, ungumelusi wezimvu. Umlindisango uyamvulela lowo, nezimvu ziyalizwa iphimbo lakhe; ezakhe izimvu uzibiza ngamagama, bese eziholela ngaphandle. Uma esezikhiphile zonke ezakhe, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi iphimbo lakhe. Kepha azisoze zamlandela umfokazi, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba azilazi iphimbo labafokazi.” UJesu wabalandisa lowo mzekeliso, kodwa abaqondanga ukuthi wayekhuluma ngani kubo. Ngalokho-ke uJesu wabuye wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abafika ngaphambi kwami babengamasela nabaphangi; izimvu azibalalelanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, aklabe edlelweni. Isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa. Mina ngize lapha ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime. “Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze, ngokuba ungoqashiweyo, akanandaba nezimvu. “Mina ngingumelusi omuhle. Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye. Ngakho-ke uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthathe futhi. Akekho ongangephuca ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami. Nginegunya lokukudela, negunya lokubuye ngikuthathe. Lo myalo ngiwamukele uvela kuBaba.” Kwaba khona futhi ukwehlukana phakathi kwabaJuda ngenxa yalawa mazwi. Iningi labo lathi: “Unedimoni, uyahlanya. Kungani nje nimlalela na?” Abanye bathi: “Lawa mazwi awaphumi kumuntu onedimoni. Kanti idimoni lingawavula yini amehlo empumputhe na?” Kwase kuba khona uMkhosi Wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika. UJesu wayehamba ethempelini, emphemeni kaSolomoni. Base bemngunga abaJuda, bathi kuye: “Kuyakuze kube nini silokhu sidukuza oswini na? Uma unguKhristu, sitshele ngokusobala.” UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga. Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba, yiyona efakaza ngami, kodwa nina anikholwa, ngokuba anisizo izimvu zami. Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami; ngiyazazi, ziyangilandela. Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha nanini, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.” AbaJuda bacosha amatshe futhi, ukuze bamkhande ngawo. UJesu wathi kubo: “Nginikhombisile imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yiwona muphi eningikhandela wona ngamatshe na?” AbaJuda bamphendula, bathi: “Asikukhandi ngamatshe ngenxa yomsebenzi omuhle, kodwa ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu, uzenza uNkulunkulu.” UJesu wabaphendula, wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wenu ukuthi: ‘Ngithe: nina ningonkulunkulu’ na? Uma athi bangonkulunkulu, labo izwi lakhe elafika kubo, nombhalo ungechithwe, pho ningakhuluma kanjani ngalowo amehlukanisa wamthumela emhlabeni, ukuthi uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu’ na? Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi. Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani-ke yimisebenzi, ukuze nazi futhi niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.” Ngakho-ke bafuna ukumbamba, kodwa waphunyuka ezandleni zabo. Wahamba futhi, waya phesheya kweJordani lapho uJohane aqala khona ukubhabhadisa, wahlala khona. Abaningi beza kuye, bathi: “Impela uJohane akenzanga nasinye isibonakaliso, kodwa-ke konke uJohane akukhuluma ngalo muntu kuyiqiniso.” Abaningi bakholwa nguye lapho.

Ividiyo ye- NgokukaJohane 10:1-42

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 10:1-42