NgokukaJohane 1:9-14

NgokukaJohane 1:9-14 ZUL20

Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni. ULizwi wayekhona ezweni. Izwe lavela ngaye, kodwa izwe alimazanga. Weza kokwakhe, kodwa abakhe abamemukelanga. Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, abangazalwanga ngagazi, ngandlela yemvelo noma ngantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu. ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.