NgokukaJohane 1:1-5

NgokukaJohane 1:1-5 ZUL20

Ekuqaleni wayekhona uLizwi. ULizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo, wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Konke kwavela ngaye; akukho lutho olwadalwayo kukho konke okudaliweyo, olungavelanga ngaye. Kuye kwakukhona ukuphila; lokhu kuphila okungukukhanya kwabantu. Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwazanga ukukucima.