Ekuqaleni wayekhona uLizwi. ULizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo, wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Konke kwavela ngaye; akukho lutho olwadalwayo kukho konke okudaliweyo, olungavelanga ngaye. Kuye kwakukhona ukuphila; lokhu kuphila okungukukhanya kwabantu. Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwazanga ukukucima. Kwafika umuntu owayethunywe nguNkulunkulu, igama lakhe nguJohane. Wezela ukuba ngufakazi, ofakaza ngokukhanya ukuze bonke abantu bakholwe ngaye. Yena wayengesikho ukukhanya, kodwa wayengozofakaza ngokukhanya. Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni. ULizwi wayekhona ezweni. Izwe lavela ngaye, kodwa izwe alimazanga. Weza kokwakhe, kodwa abakhe abamemukelanga. Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, abangazalwanga ngagazi, ngandlela yemvelo noma ngantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu. ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Lona nguye engikhulume ngaye ngathi: ‘Emva kwami kuza lowo omkhulu kunami, ngokuba wayekhona ngaphambi kwami.’ ” Ngokuba ekugcwaleni kwakhe, sonke samukele umusa phezu komusa. Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu. Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.
Funda NgokukaJohane 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 1:1-18
5 Days
My new song "Known" is really meaningful to my faith journey. My desire is that one day we will all be willing to walk from hopelessness to hope, from hurt to healing, from the struggle to surrender—that we will look around the room, beneath the cross, seeing each other and hearing Jesus tell us that we're not alone. Thank you for joining me on this journey. -Tauren Wells
Need more of God's grace, favor, and blessing? Then pray these five simple prayers of humility, asking the Lord to favor you and help you. He will answer your prayer; He gives grace to the humble! And if you humble yourself before the Lord, He will lift you up.
5 Izinsuku
UNkulunkulu uzembula kithi ngeZwi laKhe, iBhayibheli, esisondeza kuye futhi esihlomisa ukuba sikhule ekuvuthweni ngokomoya. Lolu hlelo lwezinsuku ezinhlanu luhlola ukuthi singaliqonda kanjani iBhayibheli ngokwengqikithi futhi sazise indaba yalo egxile kuKristu, ehlengayo, neguqulayo.
7 Days
It’s all in your head. But what if that’s a good thing? Our thoughts are more than a reaction to what’s happening in our lives—they’re a powerful force for shaping who we are and who we can become. Learn from everyday people like you how you can use the powerful truth of Romans 12:2 to unleash the mastermind inside you.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo