UJeremiya 39

39
UNebukhadinezari Unqoba IJerusalema
1Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwenkosi uZedekiya kwaJuda, ngenyanga yeshumi, inkosi uNebukhadinezari waseBhabhele nayo yonke impi yakhe, bafika eJerusalema, balivimbezela. 2Ngonyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, ngenyanga yesine, ngosuku lwesishiyagalolunye lwayo, bafohla bangena emzini. 3Zonke izikhulu zenkosi yaseBhabhele zangena, zahlala esangweni eliphakathi nendawo: kwakunguNerigali Sarezeri, uSamigari Nebho, uSaresekimi induna yezinceku, uNerigali Sarezeri induna yabaphristi, nazo zonke ezinye izikhulu zenkosi yaseBhabhele. 4Kwathi lapho uZedekiya, inkosi yakwaJuda, nawo wonke amabutho bebabona, baphulukundlela, babaleka ebusuku emizini, bahamba ngendlela yensimu yenkosi, ngesango eliphakathi kwezingange zombili; bahamba ngendlela eya e-Arabha.
5Kepha impi yamaKhaledi yabahubha, yamfica uZedekiya ezinkalweni eJerikho, yambamba, yamyisa kuNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, owayeseRibhila eHamathi, wamgweba. 6Inkosi yaseBhabhele yabulala amadodana kaZedekiya eRibhila phambi kwakhe, ebuka; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda. 7UZedekiya yamkhipha amehlo, yambopha ngamaketanga, wayiswa eBhabhele.
8AmaKhaledi asishisa ngomlilo isigodlo senkosi nezindlu zabantu, adiliza izingange eJerusalema. 9Insali yabantu ababesemzini, namambuka ayehlubukele kuye, nalabo bantu ababesele kuNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumbela eBhabhele. 10UNebuzaradani, induna yabalindi, wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngalolo lusuku.
11UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi: 12“Mthathe, umphathe kahle, ungezi lutho kuye oluzomlimaza, kodwa wenze lokho akutshela khona.”
13UNebuzaradani induna yabalindi, uNebushazibhani induna yezinceku, uNerigali Sarezeri induna yabaphristi, nezikhulu zonke zenkosi yaseBhabhele, bathumela, 14ukuba uJeremiya akhishwe egcekeni labalindi. Bamedlulisela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.
Isiphrofetho SikaJeremiya Ku-Ebhedi Melekhi
15Izwi likaSimakade lafika kuJeremiya ngesikhathi esavalelwe egcekeni lejele, lathi: 16“Hamba utshele u-Ebhedi Melekhi, umKhushe, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakuwafeza amazwi ami amelene nalo muzi kuyoba ngokubi, hhayi okuhle, ngalolo lusuku ayofezeka phambi kwakho. 17Kepha wena ngiyakukusindisa ngalolo lusuku, kusho uSimakade, awuyukunikelwa esandleni sabantu obesabayo. 18Impela ngiyakukukhulula, awuyukuwa ngenkemba, kodwa ukuphila kwakho kuyofana nempango kuwe, ngokuba ungethembile, kusho uSimakade.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 39: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume