UJeremiya 36

36
UBharukhi Ufunda Umqulu Wencwadi Endlini KaSimakade
1Kwathi ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika leli lizwi kuJeremiya livela kuSimakade, lathi: 2“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo wonke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli, nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela ngosuku engakhuluma ngalo kuwe ngezinsuku zokubusa kukaJosiya kuze kube namuhla. 3Mhlawumbe indlu kaJuda iyakuzwa konke okubi engihlela ukukwenza kubo, ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, bese ngibathethelela ububi babo nezono zabo.”
4UJeremiya wayesebiza uBharukhi indodana kaNeriya. UBharukhi waloba emqulwini wencwadi wonke amazwi kaSimakade ayewakhulume kuye, ewatshelwa nguJeremiya. 5UJeremiya wamyala uBharukhi, wathi: “Mina ngivalelwe, angikwazi ukuya endlini kaSimakade. 6Wena hamba, uye endlini kaSimakade ngosuku lokuzila ukudla, ufunde abantu bezwa, ufundele nabo bonke abavela emizini yakwaJuda, wonke amazwi kaSimakade engikutshele wona, wawaloba emqulwini. 7Mhlawumbe ukunxusa kwabo kungase kufike phambi kukaSimakade, baphenduke, yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nolaka uSimakade akhulume ngakho kulaba bantu.”
8UBharukhi, indodana kaNeriya, wenza konke uJeremiya, umphrofethi, ayemyale ngakho, wafunda encwadini amazwi kaSimakade endlini kaSimakade. 9Kwathi ngonyaka wesihlanu wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, bonke abantu baseJerusalema nabo bonke ababevela emizini yakwaJuda, beza eJerusalema, bamemezela ukuzila phambi kukaSimakade. 10UBharukhi wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya, endlini kaSimakade, ekamelweni likaGemariya, indodana kaShafani umbhali, elalisegcekeni elingenhla ngasekungeneni kwesango elisha lendlu kaSimakade, wafunda bonke abantu belalele.
UBharukhi Ufundela Izikhulu Umqulu Wencwadi
11UMikhaya, indodana kaGemariya kaShafani wezwa wonke amazwi kaSimakade ayekule ncwadi, 12wayesehlela esigodlweni senkosi, ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhleli khona zonke izikhulu: u-Elishamu umbhali, uDelaya indodana kaShemaya, u-Elinathani indodana ka-Akhibhori, uGemariya indodana kaShafani, uZedekiya indodana kaHananiya, nazo zonke izikhulu. 13UMikhaya wazibikela wonke amazwi ayewezwile, ngesikhathi uBharukhi efundela abantu incwadi. 14Zonke izikhulu zathuma uJehudi, indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKhushi kuBharukhi, zathi: “Umqulu owufundele abantu belalele wuthathe ngesandla sakho, uze nawo.”
UBharukhi, indodana kaNeriya, wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, waya kuzo. 15Zathi kuye: “Ake uhlale phansi, usifundele wona, silalele.”
UBharukhi wayesezifundela wona zilalele. 16Kwathi lapho seziwezwile wonke amazwi, zabhekana ngokwesaba, kwaba yilowo nalowo oseduze naye, zase zithi kuBharukhi: “Impela siyakuyibikela inkosi lawa mazwi.”
17Zambuza uBharukhi, zathi: “Ake usitshele ukuthi uwalobe kanjani wonke lawa mazwi na? Ngabe wonke avela emlonyeni wakhe?”
18UBharukhi, wathi kuzo: “Wawaphumisela wonke lawa mazwi kimi ngomlomo wakhe, ngawaloba encwadini ngoyinki.”
19Izikhulu zathi kuBharukhi: “Hamba uyocasha, wena noJeremiya, ungatsheli muntu ukuthi nikuphi.”
Umqulu Wencwadi Ushiswa Ngomlilo
20Zase ziya enkosini egcekeni. Umqulu zaziwubeke ekamelweni lika-Elishama, umbhali, zase ziyibikela wonke lawa mazwi inkosi ilalele. 21Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awulande umqulu; wawulanda ekamelweni lika-Elishama, umbhali. UJehudi wawufunda, inkosi nazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini zilalele. 22Inkosi yayihlezi endlini yasebusika, ngenyanga yesishiyagalolunye, kunembawula evuthayo phambi kwayo. 23Kwathi lapho uJehudi esefunde amakhasi amathathu noma amane, inkosi yawasika ngommese womlobi, yawaphonsa emlilweni osembawuleni, waze waphela wonke umqulu ushiswa ngomlilo osembawuleni. 24Inkosi nezinceku zayo ezezwa wonke lawo mazwi, azesabanga, futhi aziziklebhulanga izingubo zazo. 25U-Elinathani, uDelaya noGemariya babeyinxusile inkosi ukuba ingawushisi umqulu, kodwa ayibalalelanga. 26Inkosi yayala uJerameli, indodana yenkosi, uSeraya, indodana ka-Aziriyeli noShelemiya, indodana ka-Abhideyeli ukuba babambe uBharukhi, umbhali noJeremiya, umphrofethi, kodwa uSimakade wabafihla.
UJeremiya Uphinda Ubhala Omunye Umqulu Wencwadi
27Izwi likaSimakade lase lifika kuJeremiya, emveni kokuba inkosi isiwushisile umqulu namazwi ayelotshwe nguBharukhi, evela emlonyeni kaJeremiya, lathi: 28“Phinda, uthathe omunye umqulu, ubhale kuwo wonke amazwi ayesemqulwini wokuqala oshiswe nguJehoyakimi, inkosi yakwaJuda. 29Uyakuthi-ke kuJehoyakimi, inkosi yakwaJuda: ‘Usho kanje uSimakade uthi: uwushisile lo mqulu, uthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBhabhele izofika nokufika izobhubhisa leli lizwe, yenze ukuba kungabe kusaba nabantu nezilwane kulo na?”
30“ ‘Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, uthi: akuyukuba namuntu oyohlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakutshingwa ngaphandle ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku. 31Ngizomjezisa yena nabozalo lwakhe, nezinceku zakhe, ngokona kwabo, ngehlisele phezu kwabo, nabakhileyo eJerusalema, nakubantu bakwaJuda yonke inhlekelele engikhulume ngayo, ngokuba abalalelanga.’ ”
32UJeremiya wayesethatha omunye umqulu, wawunika uBharukhi umbhali, indodana kaNeriya, waloba kuwo wonke amazwi encwadi akhulunywa nguJeremiya, wonke amazwi omqulu uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ayewushise emlilweni. Kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawakuqala.

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 36: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume