UJeremiya 32

32
UJeremiya Uthenga Insimu KaHanameli
1Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade ngonyaka weshumi wokubusa kukaZedekiya, inkosi yakwaJuda, okwakungunyaka we-18 wokubusa kukaNebukhadinezari. 2Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBhabhele yalivimbezela iJerusalema. UJeremiya, umphrofethi, wayevalelwe egcekeni labalindi elalisesigodlweni senkosi yakwaJuda. 3UZedekiya, inkosi yakwaJuda, yayimvalele lapho, yathi: “Uphrofethelani uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: bheka, ngizakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBhabhele, iwudle. 4UZedekiya, inkosi yakwaJuda, ayiyukuphunyuka esandleni samaKhaledi, kodwa uyonikelwa nokunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele, akhulume nayo umlomo nomlomo, ayibone ubuso nobuso. 5Inkosi yaseBhabhele iyomyisa eBhabhele, uZedekiya, ahlale lapho ngize ngimjezise, kusho uSimakade; noma nilwa namaKhaledi, aniyukuphumelela.’ ”
6UJeremiya wathi: “Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 7bheka, uHanameli, indodana kaShalumi umfowabo kayihlo, uzofika kuwe, athi: ‘Zithengele insimu yami ese-Anathothi, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.’
8“UHanameli, indodana yomfowabo kababa, wafika kimi ngisegcekeni labalindi njengokusho kwezwi likaSimakade, wathi kimi: ‘Ake uthenge insimu yami ese-Anathothi kwaBhenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele yona.’
“Ngase ngazi mina ukuthi leli lizwi livela kuSimakade. 9Ngayithenga-ke insimu ese-Anathothi kuHanameli, indodana yomfowabo kababa, ngamkalela isiliva, kwaba ngamashekeli esiliva ali-17. 10Ngaloba incwadi, ngayisicilela, ngenza ukuba kube nofakazi, ngamkalela isiliva ngesilinganiso. 11Ngase ngiyithatha incwadi yokuthengiselana, esicilelweyo futhi enemithetho nezimiso zokuthenga kanye nefuzela elalivuliwe, 12ngakunika uBharukhi, indodana kaNeriya kaMahaseya, incwadi yokuthengiselana, phambi kukaHanameli indodana yomfowabo kababa, naphambi kofakazi ababelobe encwadini yokuthengiselana naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni labalindi.
13“Ngamyala uBharukhi phambi kwabo, ngathi: 14‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: thatha lezi zincwadi, le ncwadi yokuthengiselana esicilelweyo nale evulekileyo, uzifake ezitsheni zebumba, ukuze zigcineke izinsuku eziningi. 15Ngokuba uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, usho kanje, uthi: kuleli lizwe kuyakubuye kuthengwe izindlu, amasimu nezivini.’
Umkhuleko KaJeremiya
16“Sengimnikile uBharukhi, indodana kaNeriya, incwadi yokuthenga, ngakhuleka kuSimakade, ngathi:
17“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe. 18Wena obenzela umusa abayizinkulungwane, futhi uyaphindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, Wena Nkulunkulu omkhulu noyiqhawe, ogama lakho kunguSimakade Wamabandla. 19Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe. 20Wena wenza izibonakaliso nezimangaliso eGibhithe, kuze kube namuhla, nakwa-Israyeli nakwabanye abantu, wazenzela iGama kuze kube namuhla. 21Wabakhipha abantu bakho u-Israyeli, eGibhithe, ngezibonakaliso nangezimangaliso, ngesandla esinamandla, ngezikhwepha, nangokwesabeka okukhulu. 22Wabanika leli lizwe, owawufunge kokhokho babo ukuthi uyakubanika lona, izwe elichichima ubisi noju. 23Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.
24“Bheka, kwenziwe izindunduma zokuhlasela ukuze kudliwe umuzi; nalo muzi ubhekene nenkemba, nendlala nobhubhane, unikelwe esandleni samaKhaledi alwa nawo. Owakusho sekwenzekile, njengoba uzibonela nje. 25Wena Nkosi Simakade, noma umuzi unikelwe esandleni samaKhaledi, washo kimi, wathi: ‘Zithengele insimu ngesiliva, ube nofakazi.’ ”
26Izwi likaSimakade lafika kuJeremiya, lithi: 27“Bheka, nginguSimakade uNkulunkulu wabantu bonke, kukhona yini okungehlulayo na? 28Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: bheka, lo muzi ngizakuwunikela esandleni samaKhaledi, nasesandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuze awudle. 29AmaKhaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele ngomlilo, awushise nalezo zindlu ababeshisela uBhali impepho phezu kophahla lwazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo ukuba bangicunule.
30“Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda benze okubi kuphela phambi kwami, kusukela ebuntwaneni babo. Ngokuba abakwa-Israyeli akukho okunye abakwenzile ngaphandle kokungicunula ngemisebenzi yezandla zabo, kusho uSimakade. 31Lo muzi uvuse intukuthelo yami nolaka lwami, kusukela osukwini abawakha ngalo kuze kube namuhla, yingakho ngizowususa nje phambi kwami, 32ngenxa yabo bonke ububi obenziwe ngabantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda ukuba bangicunule, bona namakhosi abo, izikhulu zabo, abaphristi babo, abaphrofethi babo, nabo bonke abakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema. 33Nakuba ngabafundisa, ngabaxwayisa ngiphindelela, nokho bangifulathela, abazange babheke kimi, abazange bangilalele futhi kabakwemukelanga ukuyalwa. 34Kepha babeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngeGama lami, ukuba bayingcolise. 35Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.
USimakade Uthembisa Ukuqoqa Abantu Bakhe
36“Ngakho-ke manje usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngalo muzi enithi ngawo: ‘Unikelwe esandleni senkosi yaseBhabhele ngenkemba, ngendlala nangobhubhane,’ uthi: 37bheka, ngiyakubaqoqa emazweni wonke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo, ngokufutheka, nangolaka lwami olukhulu; ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile; 38bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo; 39ngiyakubanika nhliziyonye nandlelanye, ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo. 40Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi. 41Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli lizwe, ngayo yonke inhliziyo yami, nangawo wonke umphefumulo wami.
42“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: njengalokhu ngehlisela laba bantu yonke le nhlekelele, kanjalo ngiyakubehlisela konke okuhle engibethembise khona. 43Amasimu ayothengwa kulo leli lizwe esenithi ngalo liyincithakalo, alisahlalwa muntu nasilwane, nokuthi linikelwe esandleni samaKhaledi. 44Amasimu ayakuthengwa ngesiliva, kulotshwe encwadini, isicilelwe, kube nofakazi ezweni lakwaBhenjamini, nasemaphethelweni eJerusalema, emizini yakwaJuda, emizini ekwelezintaba, emizini esehlanzeni, nasemizini eseNegevu, ngokuba ngibabuyise ekuthunjweni,” kusho uSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 32: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume