UJeremiya 24

24
Amaqoma Amabili Amakhiwane
1USimakade wangikhombisa; bheka, amaqoma amabili ayenamakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaSimakade, emveni kokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ayesethumbe oJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezingcweti nabacangcathi bensimbi, ebathumbe eJerusalema, wabayisa eBhabhele. 2Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, kungathi ayizithelo zokuqala. Elinye iqoma linamakhiwane amabi kakhulu, ayengenakudliwa ngenxa yobubi bawo.
3USimakade wayesethi kimi: “Jeremiya, ubonani na?”
Ngathi: “Amakhiwane; amakhiwane amahle, mahle kakhulu; namabi, mabi kakhulu, ngeke adliwa ngenxa yobubi bawo.”
4Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 5“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubabheka kanjalo abathunjwa bakwaJuda, engibasusile kule ndawo, baya ezweni lamaKhaledi. 6Amehlo ami ngiyakuwabhekisa kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli lizwe; ngibakhe ngingababhidlizi, ngibatshale ngingabasiphuli. 7Ngiyakubanika inhliziyo yokuba bangiqonde ukuthi nginguSimakade. Bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo, bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.
8“ ‘Kanjalo njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngenxa yobubi bawo, “ngiyakwenza kanjalo kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, ezikhulwini zakhe, ensalini yaseJerusalema, abasele kuleli lizwe nabakhe eGibhithe, kusho uSimakade. 9Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo. 10Ngiyakuthuma kubo inkemba, indlala, nobhubhane, baze baphele nya ezweni engalinika bona nokhokho babo.” ’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 24: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo