UJeremiya 2

2
Inkumbulo KaSimakade Ngo-Israyeli
1Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Hamba ukhulume lizwa lonke iJerusalema, uthi:
2“ ‘Usho kanje uSimakade,
ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho,
uthando lwakho njengomakoti,
nokuthi wangilandela kanjani ehlane,
ezweni okungatshalwanga lutho kulo.
3U-Israyeli ungcwele kuSimakade,
uwulibo lwezithelo zakhe;
bonke abazidlayo bayothweswa icala,
behlelwe ngokubi,’ ” kusho uSimakade.
Ukudeda Kokhokho KuSimakade
4Yizwani izwi likaSimakade nina ndlu kaJakobe,
nani nonke mindeni yendlu ka-Israyeli.
5Usho kanje uSimakade, uthi:
“Bubi buni oyihlo ababufumana kimi,
ukuba baze badede babe kude nami,
balandele okuyize,
baphenduke ize nabo na?
6Abashongo ukuthi:
‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe,
wasihola ezweni eliyihlane nogwadule;
izwe lemigodi, nesomiso,
ezweni lethunzi lokufa,
elingadatshulwa muntu,
nalapho kungahlali muntu khona na?’
7Nganingenisa ezweni elivundileyo
ukuba nidle izithelo zalo
nokuhle kwalo;
kepha lapho seningenile,
nalingcolisa izwe lami,
nenza ifa lami laba yisinengiso.
8Abaphristi abashongo ukuthi:
‘Uphi uSimakade na?’
Abaphethe umthetho babengazi,
ababusi baphambuka kimi,
abaphrofethi baphrofetha ngoBhali,
balandela okungenakusiza.
USimakade Uphikisana Nabantu Bakhe
9“Ngakho-ke ngizophikisana nani,” kusho uSimakade,
“ngiyakuphikisana nanabantwana babantwana benu.
10Welelani eziqhingini eKhithimi,
nibone, thumelani eKhedari,
niqonde kahle,
nibone ukuthi yake yenzeka yini
into enjengalena na?
11Isizwe sake sabalahla yini
onkulunkulu baso,
noma bengesibo onkulunkulu na?
Kepha isizwe sami
silulahlile udumo lwaso ngokungenanzuzo.
12Mangalani ngalokho, mazulu, nithuthumele,
nibe yincithakalo yoqobo,” kusho uSimakade.
U-Israyeli Uziholele Amanzi Ngomsele Ngokushiya USimakade
13“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili:
bangishiyile, Mina mthombo wamanzi aphilileyo;
bazigubhela imithombokwakhiwa,
imithombokwakhiwa evuzayo,
engenakuwagcina amanzi.
14U-Israyeli uyisigqila esazalelwa ekhaya yini na?
Kungani pho abe yimpango na?
15Amabhongo ezingonyama alibhozomela, akhonya,
alenza izwe lakhe laba yincithakalo;
imizi yakhona iyincithakalo,
akukho muntu owakhe kuyo.
16Abantu baseNofi nabaseThahiphanesi
baluphucile ukhakhayi lwakho.
17Akunguwe yini oziholele amanzi ngomsele,
ngokushiya uSimakade uNkulunkulu wakho
ngesikhathi ekuhola endleleni na?
18Ngakho-ke uzuzeni ngokuya eGibhithe
uphuze amanzi eShihori na?
Uzuzeni ngokuya e-Asiriya,
ukuba uphuze amanzi omfula na?
19Ububi bakho buyakukujezisa,
nokuhlubuka kwakho kuyakukusola;
yazi-ke, ubone ukuthi
ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho
kuyinto embi nebaba kanjani;
akusekho ukungesaba kuwe,”
kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.
U-Israyeli Wenqaba Ukukhonza USimakade
20“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho,
wagqabula izibopho zakho,
wathi: ‘Angiyukukhonza.’
Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo,
naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,
walala njengesifebe.
21Mina ngakutshala ungumvini wekhethelo,
imbewu enhle kakhulu;
pho uphenduke kanjani
waba yigatsha elonakeleyo kimi,
elomvini wabezizwe na?
22Ngokuba noma ugeza ngesoda,
uzithathele insipho eningi,
ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,”
kusho iNkosi uSimakade.
23“Ungakusho kanjani ukuthi:
‘Angingcolile,
angibalandelanga oBhali,’ na?
Bheka ukuziphatha kwakho esigodini,
ubone ukuthi wenzeni:
uyikamela lensikazi elinejubane,
elizulazula ezindleleni zalo,
24nembongolo yasendle ejwayele ihlane,
esezela umoya ngokukhanuka kwayo;
ngubani ongavimbela inkanuko yayo na?
Bonke abayifunayo abayukukhathala,
bayakuyifumana ngenyanga yayo.
25Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo,
nomphimbo wakho ukuba ungomi;
kepha wena wathi: ‘Kuyize;
qha, ngiyabathanda onkulunkulu babezizwe,
ngizobalandela.’
26“Njengesela linxothoza lapho selibanjiwe,
iyakuba njalo nendlu yakwa-Israyeli;
iyokuba namahloni,
yona namakhosi ayo,
izikhulu zabo,
abaphristi babo, nabaphrofethi babo
27abathi emthini: ‘Ungubaba,’
nasetsheni, bathi:
‘Wena wangizala.’
Bangifulathele, abangibheki,
kepha kuyothi ngesikhathi senhlekelele, bathi:
‘Vuka, usisindise.’
28Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na?
Mabavuke, uma bengakusindisa
ngesikhathi sokuhlupheka kwakho,
ngokuba njengomumo wemizi yakho,
banjalo onkulunkulu bakho, Juda.
29“Kungani nimelana nami na?
Nonke niphambukile kimi,” kusho uSimakade.
30“Abantwana benu ngibashayele ize,
abakwemukelanga ukuyalwa.
Inkemba yenu idle abaphrofethi benu
njengengonyama ebhubhisayo.
31“Wena sizukulwane, lalela izwi likaSimakade.
“Ngike ngaba yini yihlane ku-Israyeli,
noma izwe lesigayegaye na?
Kungani abantu bami bethi:
‘Sesidlubulundile,
asisayukubuyela kuwe,’ na?
32Intombi ingakhohlwa yini yimvunulo yayo,
nomakoti ixhama lakhe na?
Nokho abantu bami bangikhohliwe
izinsuku ezingenakubalwa.
33Uyilungisa kanjani indlela yakho
uma ufuna uthando na?
34Emiphethweni yezingubo zakho
kufunyenwe igazi labampofu abangenacala,
nanxa ungazange ubabhadame begqekeza.
Phezu kwakho konke lokho,
35uthi: ‘Anginacala.
Impela intukuthelo yakhe ingehlele.’
Kodwa sengizokukwehlulela,
ngokuba uthi: ‘Angonanga.’
36Usheshelani kangaka
ukuguqula indlela yakho na?
NeGibhithe lizokujabhisa
njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.
37Nalapho uyophuma uthwele imikhono ekhanda,
ngokuba uSimakade ubalahlile
labo owethembele kubo;
abayukukuphumelelisa.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume