UJeremiya 15

15
Izinhlobo Ezine Zokujezisa AbakwaJuda
1USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe. 2Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Sizoya kuphi na?’ Uyobatshela uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi:
“ ‘Abanqunyelwe ukufa, bayokufa;
abanqunyelwe inkemba, inkemba;
nabendlala, indlala;
nabokuthunjwa, ukuthunjwa.’
3“Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa. 4Ngiyakubenza babe yinto engafunwa emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yalokho okwenziwa nguManase, indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, eJerusalema.
5“Ngubani oyakukuhawukela wena Jerusalema na?
Ngubani oyakuba nozwelo kuwe na?
Ngubani oyakuphambuka ukubuza impilo na?
6Wena ungishiyile,” kusho uSimakade,
“wabuyela emuva;
ngiselulile isandla sami kuwe, ngakubhubhisa,
ngikhathele ukukuhawukela.
7Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe,
ngabephuca izingane,
ngabhubhisa abantu bami,
kodwa abaphendukanga ezindleleni zabo.
8Abafelokazi babo baningi kimi
kunesihlabathi solwandle;
ngehlisele phezu kwawonina
bezinsizwa umbhubhisi emini kwabha,
ngehlisele phezu kwakhe ngokushesha,
ukwesaba nengebhe.
9Owazala abayisikhombisa usedangele,
uyakhefuzela efuna umoya;
ilanga limshonele emini;
unamahloni, uyayangaza.
Insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni,
phambi kwezitha zabo,” kusho uSimakade.
Ukuzikhalela KukaJeremiya
10Maye, maye kimi
lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana,
nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke!
Angebolekanga lutho
futhi angebolekwanga lutho;
nokho bonke bayangiqalekisa.
11USimakade, wathi:
“Ngiyakukukhulula kube kuhle;
impela isitha ngisenze sikunxuse
ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.
12“Insimbi ingephuka yini,
insimbi evela enyakatho, nethusi na?
13Ngiyakunikela ngemfuyo yakho
nangengcebo yakho, kube yimpango;
ungakhokhelwa lutho ngakho,
ngenxa yazo zonke izono zakho
kuzo zonke izifunda zakho.
14Ngiyakukwenza ukuba ukhonze izitha zakho
ezweni ongalaziyo,
ngokuba kuphenjwe umlilo olakeni lwami;
uyakunishisa.”
15Simakade, Wena uyazi;
ngikhumbule, unginake,
ungiphindiselele kwabangizingelayo;
ungangisusi ngenxa yolaka lwakho,
yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.
16Amazwi akho afunyanwa, ngawadla;
amazwi akho aba ngukujabula kimi,
nokuthokoza kwenhliziyo yami,
ngokuba ngibizwa ngegama lakho,
Simakade Nkulunkulu Wamabandla.
17Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo,
futhi angizange ngithokoze;
ngahlala ngedwa ngenxa yobunzima
besandla sakho,
ngokuba ungigcwalise ngentukuthelo.
18Kungani ubuhlungu bami bungapheli,
nenxeba lami lingelapheki na?
Liyala ukuphola;
impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo,
nanjengamanzi angethembekile.
19Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi:
“Uma uphenduka, ngiyakukwemukela,
uyakuma phambi kwami.
Uma uveza okuyigugu
phakathi kokungenamsebenzi,
uyakuba ngumlomo wami.
Yibo abazobuyela kuwe,
akusiwena ozophendukela kubo.
20Ngiyakukwenza ukuba
ube lugange lwethusi kulaba bantu;
bayakulwa nawe,
kepha abayukukwahlula,
ngokuba Mina nginawe
ukukusindisa nokukophula,” kusho uSimakade.
21“Ngiyakukukhulula esandleni sababi,
ngikuhlenge esandleni sabanonya.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 15: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume