UJeremiya 10:1-16

UJeremiya 10:1-16 ZUL20

Yizwani izwi uSimakade alikhuluma kini, nina ndlu ka-Israyeli. Usho kanje uSimakade, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa wuvalo ngezibonakaliso esibhakabhakeni, ngokuba abezizwe bayazesaba. Imikhuba yabantu iyize; ngokuba umuntu ugawula isihlahla ehlathini, asixhoze ngembazo; umsebenzi wombazi, osibaza ngembazo. Abantu bawuhlobise ngesiliva nangegolide, bawuqongqothele ngesando nangezipikili ukuze ungawi. Njengesichuse ensimini yamakhukhamba, awukhulumi, impela uyathwalwa; ngokuba awuzihambeli. Ungawesabi, ngokuba awukwazi ukukulimaza, futhi awukwazi ukwenza okuhle.” Akekho onjengawe Simakade; umkhulu, igama lakho likhulu emandleni. Ngubani ongayukukwesaba Nkosi yezizwe na? Ngokuba kuyimfanelo yakho, akekho onjengawe phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe, nakuyo yonke imibuso yabo; akekho onjengawe. Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje, nesiliva elicangcathiweyo elilethwa lisuka eTharishishi, negolide lase-Ufazi, kungumsebenzi wezandla zomcangcathi; kugqokiswe okuluhlaza nokubukhwebezane, konke kungumsebenzi wezingcweti. Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe. “Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’ ” Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, izulu walendlala ngokuqonda kwakhe. Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe. Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo. Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa, ngesikhathi abayojeziswa ngaso, ziyakushabalala. Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.