Yizwani izwi uSimakade alikhuluma kini, nina ndlu ka-Israyeli. Usho kanje uSimakade, uthi:
“Ningayifundi indlela yabezizwe,
ningashaywa wuvalo ngezibonakaliso esibhakabhakeni,
ngokuba abezizwe bayazesaba.
Imikhuba yabantu iyize;
ngokuba umuntu ugawula isihlahla ehlathini,
asixhoze ngembazo;
umsebenzi wombazi, osibaza ngembazo.
Abantu bawuhlobise ngesiliva nangegolide,
bawuqongqothele ngesando
nangezipikili ukuze ungawi.
Njengesichuse ensimini yamakhukhamba, awukhulumi,
impela uyathwalwa;
ngokuba awuzihambeli.
Ungawesabi, ngokuba awukwazi ukukulimaza,
futhi awukwazi ukwenza okuhle.”
Akekho onjengawe Simakade;
umkhulu, igama lakho likhulu emandleni.
Ngubani ongayukukwesaba Nkosi yezizwe na?
Ngokuba kuyimfanelo yakho,
akekho onjengawe phakathi kwabo bonke
abahlakaniphileyo bezizwe,
nakuyo yonke imibuso yabo; akekho onjengawe.
Bonke bayiziphukuphuku neziwula.
Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,
nesiliva elicangcathiweyo
elilethwa lisuka eTharishishi,
negolide lase-Ufazi,
kungumsebenzi wezandla zomcangcathi;
kugqokiswe okuluhlaza nokubukhwebezane,
konke kungumsebenzi wezingcweti.
Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso,
uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade;
ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama;
izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.
“Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’ ”
Umhlaba wawenza ngamandla akhe,
izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe,
izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.
Lapho eduma ngezwi lakhe,
kuhlokoma amanzi ezulwini;
ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba,
athumele umbani nemvula,
akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.
Bonke abantu bayiziphukuphuku,
abanalwazi;
bonke ababumbi bathelwe ngehlazo
nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso,
azinamphefumulo.
Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa,
ngesikhathi abayojeziswa ngaso, ziyakushabalala.
Isabelo sikaJakobe asifani nalaba,
ngokuba nguye okubumbileyo konke;
u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe;
nguSimakade Wamabandla igama lakhe.