Abehluleli 4

4
UDebhora Ungumehluleli Kwa-Israyeli
USimakade Unikela Abakwa-Israyeli KuJabhini
1Abantu bakwa-Israyeli baphinde benza okubi emehlweni kaSimakade, emva kokufa kuka-Ehudi. 2 Ngakho-ke uSimakade wabanikela esandleni sikaJabhini, inkosi yaseKhanani, owayebusa eHazori, umkhuzi wempi yakhe kwakunguSisera owayehlala eHaroshethi labezizwe. 3 Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.
UDebhora Ubiza UBharaki
4Ngaleso sikhathi uDebhora umphrofethikazi, umkaLaphidothi, wayengumehluleli kwa-Israyeli. 5Wayevame ukuhlala phansi kwesihlahla sesundu sikaDebhora, phakathi kweRama neBhethele kwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli babenyukela kuye ukuba abehlulele. 6 Wathumela eKedeshi kwaNafethali ukuba kubizwe uBharaki, indodana ka-Abhinowami, wathi kuye: “USimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuyale wathi: ‘Hamba umise entabeni iThabori, uthathe amabutho ayizi-10 000 ozalweni lukaNafethali nolukaZebuloni uye nawo entabeni iThabhori. 7 Ngizokumyenga uSisera, umkhuzi wempi kaJabhini nezinqola zakhe zempi namabutho akhe, ukuba babhekane nawe ngasemfuleni iKhishoni, ngizakumnikela esandleni sakho.’ ”
8UBharaki wathi kuye: “Uma uhamba nami, ngizokuya, kodwa uma ungahambi nami, ngeke ngihambe.”
9UDebhora wathi: “Ngizohamba nawe, kodwa-ke indlela oyithathayo manje ayizukukunika udumo, ngokuba uSimakade uyomnikela uSisera esandleni sowesifazane.”
UDebhora wasukuma, wahamba noBharaki, baya eKedeshi. 10 UBharaki wababizela eKedeshi abakwaZebuloni nabakwaNafethali; amabutho ayizi-10 000 amlandela noDebhora, akhuphuka naye.
11 UHebhere umKheni kodwa wayezehlukanisile namaKheni, ayeluzalo lukaHobhabhi, umukhwe kaMose, wamisa ithende lakhe ngasesihlahleni esikhulu eZananimi eliseduze neKedeshi.
12Kwathi ukuba uSisera bamtshele ukuthi uBharaki, indodana ka-Abhinowami, wenyukele entabeni iThabhori, 13uSisera waqoqa zonke izinqola zakhe zempi, izinqola zensimbi ezingama-900 nawo wonke amabutho ayenawo, basuka eHaroshethi labezizwe baya emfudlaneni iKhishoni. 14UDebhora wathi kuBharaki: “Sukuma! Lolu lusuku uSimakade amnikele ngalo uSisera esandleni sakho. USimakade akahambanga yini phambi kwakho, na?”
Ngakho-ke uBharaki wehla entabeni iThabhori namabutho ayizi-10 000 emlandela. 15 USimakade wamehlula ngenkemba uSisera nazo zonke izinqola zakhe zempi namabutho akhe phambi kukaBharaki, uSisera wehla enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo. 16 UBharaki waxosha amabutho agibele ezinqoleni nahamba ngezinyawo kwaze kwaba seHaroshethi labezizwe. Yonke impi kaSisera yafa ngenkemba, akwasala namunye.
UJayeli Ubulala USisera
17USisera wabaleka ngezinyawo waze wayofika ethendeni likaJayeli, umkaHebhere umKheni, ngokuba kwakunokuthula phakathi kukaJabhini, inkosi yaseHazori, nabendlu kaHebhere umKheni. 18UJayeli waphuma wamhlangabeza uSisera, wathi kuye: “Phambukela ngapha, nkosi yami, phambukela ngakimi, ungesabi.”
Wayesephambukela kuye ethendeni, wayesemmboza ngengubo. 19 Wayesethi kuye: “Ngicela ungiphuzise amanzi amancane, ngokuba ngomile.”
Wayesevula igabha lobisi, wamnika ukuba aphuze, wayesemmboza.
20Wathi kuye: “Yima emnyango wethende, uma kufika noma ngubani ebuza, ethi: ‘Kukhona bani lapha, na?’ ubothi: ‘Akukho muntu.’ ”
21Kodwa uJayeli, umkaHebhere, wathatha ngesandla sakhe isikhonkwane sethende nesando, wanyonyoba waya kuye esazunywe ngubuthongo, wasiphisela isikhonkwane enhlafunweni saze saphumela emhlabathini. Wayezunywe ngobukhulu ubuthongo, ekhathele. Wafa kanjalo-ke uSisera.
22Wathi efika uBharaki exosha uSisera, uJayeli waphuma wayomhlangabeza, wathi kuye: “Woza ngizokukhombisa indoda oyifunayo.”
Wayesengena ethendeni likaJayeli; wamfica uSisera edindilizile, efile, kunesikhonkwane enhlafunweni yakhe.
23Ngalolo lusuku uNkulunkulu wamnqoba uJabhini, inkosi yamaKhanani, phambi kwabakwa-Israyeli. 24Isandla sabantu bakwa-Israyeli saya ngokuqina phezu kukaJabhini, inkosi yaseKhanani, baze bambhubhisa nya uJabhini, inkosi yamaKhanani.

Okuqokiwe okwamanje:

Abehluleli 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume