Abehluleli 21

21
AbakwaBhenjamini Baganwa Ngabesifazane BaseJabheshi Gileyadi
1 Abakwa-Israyeli babefungile eMizpha, bathi: “Akukho namunye phakathi kwethu oyoganisela abakwaBhenjamini indodakazi yakhe.”
2 Abantu bafika eBhethele, bahlala lapho phambi kukaNkulunkulu kwaze kwaba kusihlwa, badazuluka, bakhala kalusizi. 3Bathi: “Simakade, Nkulunkulu ka-Israyeli, kwenzeke kanjani ukuthi namuhla kube khona isizwana esisodwa kwa-Israyeli esingekho, na?”
4 Ngosuku olulandelayo, abantu bavuka ngovivi, bakha i-althare lapho, banikela imihlatshelo yokushiswa nemihlatshelo yokuthula.
5Abakwa-Israyeli base bethi: “Yisiphi isizwana phakathi kwezizwana zonke zakwa-Israyeli esingakhuphukanga ukuzoba yingxenye yenhlangano kaSimakade, na?”
Ngokuba kwenziwe isifungo esinqala ngalabo abangakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, esithi: “Lowo uyakubulawa.”
6Kepha abakwa-Israyeli babenozwelo ngabakwaBhenjamini, abafowabo, bathi: “Isizwana esisodwa sinqunyiwe, sakhishwa kwa-Israyeli namuhla. 7 Sizokwenzenjani ukuba abaseleyo bathole abafazi, njengoba sifungile kuSimakade ukuthi asizukubaganisela amadodakazi ethu abe ngomkabo, na?”
8 Base bethi: “Sikhona yini esinye isizwana phakathi kwezizwana zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, na?”
Kwatholakala ukuthi akukho namunye kwabaseJabheshi Gileyadi oweza enkanjini enhlanganweni. 9Ngokuba ngesikhathi kubizwa amagama alabo ababekhona, kwakungekho namunye kwabaseJabheshi Gileyadi. 10 Ngakho-ke inhlangano yathumela amabutho ayizi-12 000 kubo, yawayala yathi: “Hambani nibulale ngenkemba izakhamuzi zaseJabheshi Gileyadi, ngisho abesifazane nezingane. 11Yilokhu eniyokwenza: bonke abesilisa nabo bonke abesifazane asebeke balala nendoda niyakubabulala.”
12Bafumana phakathi kwezakhamuzi zaseJabheshi Gileyadi izintombi ezimsulwa ezingama-400 ezingayazi indoda, beza nazo enkanjini eShilo, eKhanani.
13 Inhlangano yonke yathumela izwi kwabakwaBhenjamini ababesedwaleni likaRimoni, bamemezela ukuthula kubo. 14AbakwaBhenjamini babuyela emuva ngaleso sikhathi; banikwa abesifazane ababesindiswe kwabesifazane baseJabheshi Gileyadi, kodwa babengabenele.
AbakwaBhenjamini Bathwala Izintombi ZaseShilo
15Abantu babenozwela ngabakwaBhenjamini, ngokuba uSimakade wayenze kwaba noqhekeko ezizwaneni zakwa-Israyeli. 16 Abaholi benhlangano bathi: “Sizokwenzenjani ukuze laba abaseleyo bathole abafazi, lokhu kungekho abesifazane abaseleyo kwaBhenjamini, na?”
17Base bethi: “Kufanele kube khona izindlalifa zensali yakwaBhenjamini, ukuze kungabi bikho sizwana esishabalalayo kwa-Israyeli. 18 Nokho thina asikwazi ukubaganisela ngamadodakazi ethu abe ngomkabo.”
Ngokuba abakwa-Israyeli babefungile, bathi: “Makaqalekiswe lowo oyakunika abakwaBhenjamini umfazi.”
19 Ngakho-ke bathi: “Niyabona-ke, kuzoba nomkhosi kaSimakade waminyaka yonke eShilo, elisenyakatho yeBhethele, ngasempumalanga yomgwaqo okhuphuka eBhethele uya eShekhemu, eningizimu yeLebhona.”
20Babayala abakwaBhenjamini, bathi: “Hambani nicashe ezivinini, 21 niqaphe, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukuba azosina, anophuma ezivinini, kube yilowo azithwalele umfazi ezintombini zaseShilo, nibuyele kwaBhenjamini. 22 Uma befika oyise noma abafowabo bezokhononda kithi, siyothi kubo: ‘Yibani nomusa kubo, nibavumele bawathathe, ngokuba empini asiyitholelanga mfazi indoda ngayinye, kodwa nani anibanikanga amadodakazi enu, ngabe manje ninecala.’ ”
23 AbakwaBhenjamini benza kanjalo, kwayilowo nalowo wazithwalela umfazi, ezintombini ezazisina, base behamba, babuyela endaweni yabo, bayakha kabusha imizi yabo, bahlala kuyo. 24Abakwa-Israyeli behlukana lapho ngaleso sikhathi, ngezizwana nangemindeni, basuka lapho babuyela ezindaweni zabo. 25 Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli, bonke abantu babenza lokho ababekubona kukuhle emehlweni abo.

Okuqokiwe okwamanje:

Abehluleli 21: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume