Abehluleli 12
12
UJeftha Ulwa Nabakwa-Efrayimi
1 Amadoda akwa-Efrayimi abizwa ukuba ahlome, ase ewelela eZafoni, athi kuJeftha: “Uweleleni wayokulwa nabakwa-Amoni, wangasibiza thina ukuba sihambe nawe, na? Sizoyithungela ngomlilo indlu yakho, iwele phezu kwakho.”
2UJeftha wathi kubo: “Mina nabantu bakithi sasilwa nabakwa-Amoni ababesicindezele kakhulu, kodwa lapho nginibiza anizange ningikhulule esandleni sabo. 3 Lapho ngibona ukuthi aningihlenganga, ngabeka impilo yami engcupheni, ngawela ngayolwa nabakwa-Amoni, uSimakade wabanikela esandleni sami. Yini-ke enenze manje nikhuphukele kimi namuhla, ukuzokulwa nami, na?”
4 UJeftha wayeseqoqa wonke amadoda akwaGileyadi, walwa nabakwa-Efrayimi; amadoda akwaGileyadi abehlula abakwa-Efrayimi, ngokuba bathi: “Ningabakhoselayo bakwa-Efrayimi nina bakwaGileyadi, niphume phakathi kwabakwa-Efrayimi nabakwaManase.”
5 AbakwaGileyadi badla amazibuko eJordani phambi kwabakwa-Efrayimi. Kwakuthi okhoselayo wakwa-Efrayimi uma ethi: “Mangiwele,” abantu abakwaGileyadi bathi: “Ungowakwa-Efrayimi, na?”
Uma ethi: “Qha,” 6bese bethi kuye: yithi: “Shibholethi,” uma ethi: “Sibholethi,” ngoba engakwazi ukulibiza ngokufanele leli gama, bambambe, bambulalele emazibukweni eJordani. Kwafa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizi-42 000.
Ukufa KukaJeftha
7UJeftha wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisithupha. UJeftha, umGileyadi, wayesefa wangcwatshwa emzini kwaGileyadi.
U-Ibizani Wehlulela U-Israyeli
8Emva kukaJeftha kwalandela u-Ibizani waseBhethlehema ukwehlulela u-Israyeli. 9Wayenamadodana angama-30. Amadodakazi angama-30 wawaganisa ngaphandle kwesizwe sakhe, wathathela amadodana akhe izintombi ezingama-30 ngaphandle kwesizwe sakhe. Wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisikhombisa. 10U-Ibizani wafa, wangcwatshwa eBhethlehema.
U-Eloni Wehlulela U-Israyeli
11Emva kuka-Ibizani, u-Eloni umZebuloni, waba ngumehluleli kwa-Israyeli, wehlulela u-Israyeli iminyaka elishumi. 12U-Eloni umZebuloni wafa, wangcwatshwa e-Ayijaloni, lakwaZebuloni.
U-Abhidoni Wehlulela U-Israyeli
13Emva kuka-Eloni, u-Abhidoni, indodana kaHileli umPhirathoni, wehlulela u-Israyeli. 14Wayenamadodana angama-40, nabazukulu abangama-30 ababegibela izimbongolo ezingama-70; wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili. 15U-Abhidoni, indodana kaHileli umPhirathoni, wafa, wangcwatshwa ePhirathoni, ezweni lakwa-Efrayimi kwelezintaba lama-Amaleki.
Okuqokiwe okwamanje:
Abehluleli 12: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.