Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu. Uma sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi, sikwenza lokho ukuze asilalele, siyawuqondisa wonke nomzimba wawo. Bhekani, nemikhumbi njengoba imikhulu nje, idudulwa yimimoya enamandla, iqondiswe ngumshayeli ngephini elincane, iye lapho efuna ukuba iye khona. Lunjalo-ke nolimi, luyisitho esincane, kodwa luzigabisa kakhulu. Phela inhlansana nje ingathungela ihlathi elikhulu. Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo. Ngokuba lonke uhlobo lwezilwane nolwezinyoni nolwezilwane ezihuquzelayo, zonke zithanjiswa futhi zathanjiswa ngabantu. Kepha akukho muntu kubantu onamandla okuluthambisa ulimi; lungububi obungalawuleki, lugcwele isihlungu esibulalayo. Ngolimi sibonga iNkosi uBaba, nangalo futhi siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Emlonyeni owodwa kuphuma izibusiso neziqalekiso. Bazalwane bami, akufanele ukuba lokho kube kanjalo. Umthombo uyakhipha yini amanzi amnandi nababayo esiphethwini esisodwa na? Bazalwane bami, umkhiwane ungathela yini izithelo zomnqumo, noma umvini uthele amakhiwane na? Kanjalo namanzi anosawoti angewakhiphe amanzi amtoti.
Funda EkaJakobe 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: EkaJakobe 3:2-12
6 Days
Words are powerful. They can beat us down and lift us up. They wound and they heal. And the right words at the right time can be exactly what we need to hear—or what we need to say. Hear from four people just like you who are finding the right words in this new Life.Church Bible Plan to accompany Pastor Craig Groeschel’s series, My Big Fat Mouth .
21 Days
Every single one of us has spoken words “under the influence” of warped feelings and slurred thinking. And soon wish we had the magical power to take those words back. It’s our thoughts and emotions that determine what words come out of our mouths. Guide Your Mind, Guard Your Heart, Grace Your Tongue will enable you to take control of your thoughts and feelings in order to grace your tongue.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo