EkaJakobe 1:2-8

EkaJakobe 1:2-8 ZUL20

Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. Ukukhuthazela makube nomphumela opheleleyo, ukuze nibe ngabakhulile nabapheleleyo, nabangaswele lutho. Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho. Kepha makacele ngokukholwa, engangabazi nakancane, ngokuba ongabazayo ufana nedlambi lolwandle elidudulwa ngumoya, ulise le nale. Ngakho-ke lowo muntu makangasho ukuthi uyakwemukeliswa utho yiNkosi, ngokuba ungumuntu ongqondo imbaxambili, engazinzile ezindleleni zakhe zonke.