EkaJakobe 1:1-6

EkaJakobe 1:1-6 ZUL20

Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela. Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. Ukukhuthazela makube nomphumela opheleleyo, ukuze nibe ngabakhulile nabapheleleyo, nabangaswele lutho. Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho. Kepha makacele ngokukholwa, engangabazi nakancane, ngokuba ongabazayo ufana nedlambi lolwandle elidudulwa ngumoya, ulise le nale.