U-Izaya 9:1-7

U-Izaya 9:1-7 ZUL20

Akuyukubabikho bumnyama kulabo ababehlupheka. Ngesikhathi esedlule uSimakade wathobisa elakwaZebuloni nelakwaNafethali, kodwa ngomuso uyokwenza ihlonipheke indlela eya olwandle, ezweni elingaphesheya kweJordani, eGalile labezizwe. Abantu ababehamba ebumnyameni, babonile ukukhanya okukhulu. Labo abahlala ezweni elimnyama bhuqe, ukukhanya kuyakubakhanyisela. Uyokwandisa isizwe, usenze siphuphume injabulo; siyothokoza phambi kwakho njengokujabula ngesikhathi sokuvuna, njengoba abantu bejabula lapho babelana impango. Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani. Wonke amabhuzu amabutho abefakwe empini, nezingubo ezazicwiliswe egazini, kuyoshiswa, kudliwe ngumlilo. Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula. Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.

Funda U-Izaya 9

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Izaya 9:1-7