USimakade wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu, uthi Mahere Shalali Hashi Bhazi. Ngizakuzifunela ofakazi abaqotho, u-Uriya umphristi noZakhariya, indodana kaJebherekhiya.”
Ngase ngilala nomkami umphrofethikazi; wakhulelwa, wazala indodana. USimakade wathi kimi: “Mqambe uthi nguMahere Shalali Hashi Bhazi, ngokuba uyothi umntwana engakakwazi ukuthi: ‘Baba,’ noma ‘Mama,’ ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya ibe isithuthelwe enkosini yase-Asiriya.”
USimakade wabuye wakhuluma nami, wathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu bawenqaba amanzi aseShilowa ageleza buthule, bathokozela uRezini nendodana kaRemaliya, ngalokho-ke iNkosi izobakhuphulela amanzi omfula onamandla amaningi, inkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo. Uyakukhuphuka wemboze lonke usebe, weqe zonke izindonga zawo, utheleke kwaJuda. Uyogcwala, ufinyelele ezinkwazini, bese amaphiko awo elulekileyo agcwalise ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”
Hlanganani zizwe, nishaqeke.
Bekani indlebe nina mazwe akude:
bophani izinkalo zenu, nokho niyodangala;
yebo, bophani izinkalo zenu,
kodwa niyakudangala.
Cebani icebo, kodwa lizobhuntsha;
bophani izwi libe linye,
kodwa alinakuphumelela,
ngokuba uNkulunkulu unathi.
UNkulunkulu ukhulumile kanjalo nami ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:
“Ningakubizi ngokuthi wuzungu
konke lokhu laba bantu abathi wuzungu.
Ningakwesabi abakwesabayo;
ningabi naluvalo ngakho.
USimakade Wamabandla, mungcweliseni, nimesabe,
kube nguye kuphela eninovalo ngaye.
Uyakuba yisiphephelo,
futhi abe yitshe lokuqhuzuka,
nedwala lokukhubekisa
kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli;
abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.
Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka,
bawe, bephuke;
bayakucushwa, babanjwe.”
Bambisisisa ubufakazi,
uwugcizelele umthetho phakathi kwabafundi bami.
Ngiyokumlindela uSimakade ositheze ubuso bakhe
kuyo indlu kaJakobe,
ngimlindele ngokwethemba.
Bheka, mina nabantwana uSimakade angiphe bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuSimakade Wamabandla ohleli entabeni iZiyoni.
Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,”
kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo, isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya. Bayodabula ezweni bexakekile, futhi belambile. Ekulambeni kwabo bayovutha bhe ulaka, bayethuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, baphenduke babheke phezulu. Bayobheka nasemhlabeni; babone kuphela inhlupheko, ubumnyama, nokuphelelwa yithemba, bayakuxoshelwa esigayegayeni.