Mina ngingakusondeza yini ekuzalweni ngingenzi uzalwe na?” kusho uSimakade. “Mina ozalisayo ngingasivala yini isibeletho na?” kusho uNkulunkulu wakho. “Thokozani neJerusalema, nethabe nalo nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo, nina nonke enilililelayo, ukuze nincele, naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo; ukuze nincele nizidelise ngokwenama ekugcwaleni kwenkazimulo yalo.” Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula, nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo, niyoncela, niphathwe ngezingalo zalo, nitotoswe nisemathangeni. Njengonina eduduza umntwana wakhe, kanjalo ngiyoniduduza, nina niduduzeke eJerusalema.” Niyokukubona, izinhliziyo zenu zijabule, amathambo enu ahlume njengotshani, isandla sikaSimakade siyokwaziwa ukuthi sisezincekwini zakhe, azithukuthelele izitha zakhe.
Funda U-Izaya 66
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Izaya 66:9-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo