U-Izaya 61:1-2

U-Izaya 61:1-2 ZUL20

UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele. Ngimemezele unyaka womusa kaSimakade nosuku lokuziphindiselela kukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo