U-Izaya 59

59
Ukuvuma Izono Nokuhlengwa NguSimakade
1Isandla sikaSimakade asifinyeziwe ukuba sisindise,
nendlebe yakhe ayibuthuntu ukuba izwe.
2Kodwa ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu,
nezono zenu zibusithile
ubuso bakhe kini
ukuba anganizwa.
3Izandla zenu zingcoliswe yigazi,
neminwe yenu, yinkohlakalo;
izindebe zemilomo yenu zikhulume amanga,
nezilimi zenu zinyenyeza okubi.
4Akekho omemeza ngokulunga,
akekho nowehlulela ngeqiniso;
bethembela kokuyize,
bakhuluma amanga;
bakhulelwe ububi,
bazala inkohlakalo.
5Bachamsele amaqanda ebululu,
baluka ubulwembu besicabucabu;
odla amaqanda abo uyokufa,
okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.
6Ubulwembu baso abuyukuba yingubo,
abanakuzimboza ngalokho abakwenzileyo;
imisebenzi yabo ingeyobubi
nezenzo zendluzula zisezandleni zabo.
7Izinyawo zabo zigijimela ebubini;
bayashesha ukuchitha igazi elingenacala;
imicabango yabo iyimicabango yenkohlakalo;
incithakalo nokubhujiswa
kugcwele ezindleleni zabo.
8Indlela yokuthula abayazi,
nobulungiswa abukho emikhondweni yabo;
bazenzele izindlela eziyizigwegwe,
bonke abahamba ngazo abakwazi ukuthula.
9Ngalokho ukwehlulela kukude nathi,
nokulunga akusifumani;
silindela ukukhanya simagange,
kodwa sibona ubumnyama;
silindela ukukhanya,
kodwa sidukuza ebumnyameni.
10Sidukuza sigudla udonga njengempumputhe,
yebo, sidukuza siphumputha njengabangenamehlo;
sikhubeka emini kungathi sekuhwalele;
phakathi kwabaphilayo, sinjengabafileyo.
11Sonke sigwavuma njengamabhele,
siyakhala nokukhala njengamajuba;
silindela ukwehlulela, kodwa akukho,
nokusindiswa, kodwa kukude nathi.
12Ngokuba iziphambeko zethu
ziningi phambi kwakho,
nezono zethu ziyafakaza ngathi;
ngokuba iziphambeko zethu zikithi,
nobubi bethu siyabazi:
13Sonile, samphika uSimakade;
sihlubukile, asamlandela uNkulunkulu wethu;
sikhulume ngokucindezela, nangokwambuka,
sicabangile, sakhuluma amanga asenhliziyweni.
14Ubulungiswa bubuyiselwe emuva,
nokulunga kuma le kude,
ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini,
nobuqotho abukwazi ukungena.
15Iqiniso alikho;
osuka ebubini uphenduka impango;
uSimakade ukubonile lokho,
kwakukubi emehlweni akhe
ukuthi ubulungiswa babungekho.
16Wabona ukuthi kwakungekho muntu,
wamangala ukuthi kwakungekho onxusayo;
ngakho-ke ingalo yakhe yamzuzela insindiso,
nokulunga kwakhe kwamphasa.
17Wembatha ukulunga njengebhantshi lensimbi,
nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe;
wagqoka izingubo zokuphindisela
zaba ngezokwembatha;
wazisonga ngokushisekela njengengubo.
18Uyoziphindiselela kubo njengokwezenzo zabo,
ulaka ezitheni zakhe,
nenkokhelo efanele kwabamelene naye,
nabaseziqhingini bayothola inkokhelo
efanele izenzo zazo.
19Labo abasentshonalanga bayakulesaba igama likaSimakade,
abasempumalanga besabe inkazimulo yakhe,
ngokuba uyakufika njengomfula ongenisayo,
oqhutshwa ngumoya kaSimakade.
20“Uyofika eZiyoni njengoMhlengi,
nakulabo bakwaJakobe
abaphenduke eziphambekweni,” kusho uSimakade.
21“Mina-ke, lesi yisivumelwano sami nabo,” kusho uSimakade, “sokuthi uMoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyukusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wabantwana bakho, nasemlonyeni wezizukulwane zakho,” kusho uSimakade, “kusukela manje kuze kube phakade.”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 59: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume