U-Izaya 58:1-12

U-Izaya 58:1-12 ZUL20

“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo. Nokho bayangifuna nsuku zonke, bayakuthokozela ukwazi izindlela zami, ngokungathi bayisizwe esenza ukulunga, esingazishiyanga izimiso zikaNkulunkulu waso. Babuza kimi izehlulelo ezilungileyo, bayakuthokozela ukusondela kukaNkulukulu. Bathi: ‘Sikuzileleni ukudla, ngoba awuboni na?’ ‘Sizithobeleni, ngoba awusinaki na?’ “Bhekani, ngosuku enizila ngalo, nenza enikuthandayo, nicindezele zonke izisebenzi zenu. Niyabona-ke, nizilela ukuphikisana, nokulwa, nokushaya ngenqindi yenkohlakalo. Lokhu kuzila enikwenza namuhla akwenzi ukuba izwi lenu lizwakale ezindaweni eziphakemeyo. Ngabe yikhona kuzila lokhu engikukhethileyo na? Ngabe wusuku lokuba umuntu athobise umphefumulo na? Ngabe kungukuba agebise ikhanda lakhe njengomhlanga, alale endwangwini eyisaka nasemlotheni na? Ngabe yikho lokhu yini enikubiza ngokuzila, nosuku olwemukelekileyo kuSimakade na? “Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na? Akusikho yini ukwabelana nabalambileyo isinkwa sakho, ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, lapho ubona ohambaze umembathise, nokungazifihli ezihlotsheni zakho na? Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho. Khona uyakumemeza, kusabele uSimakade; uyakukhala, bese ethi: ‘Bheka, ngilapha.’ “Uma ususa ijoka phakathi kwenu, ukukhombana ngeminwe, nokukhuluma kabi, unike olambileyo ukudla kwakho, usuthise othotshisiweyo; khona ukukhanya kwakho kuyovela ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kufane nemini. USimakade uyokuhola njalo, anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho. Uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo engashi. Abanye phakathi kwenu bayokwakha kabusha incithakalo yezakhiwo zasemandulo; uyakuvusa izisekelo zezizukulwane ngezizukulwane, uyobizwa ngokuthi unguMvuseleli wezingange, noMlungisi wemigwaqo ukuba kuhlalwe kukho.